Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI | YIJABULELE NAKAKHULU INKONZO YAKHO

Thola Usizo LukaJehova Ngokuthandaza

Thola Usizo LukaJehova Ngokuthandaza

NguJehova owenza ukuba imbewu yeqiniso ihlume futhi imile enhliziyweni yomuntu. (1Ko 3:6-9) Ngakho ukuze sifundise kahle ensimini, kumelwe sithembele kuJehova ukuze asisize kanye nalabo esibafundelayo.

Cela uJehova ukuba asize ofunda nabo bakubekezelele ukucindezelwa futhi bakwazi ukubhekana nezinkinga. (Fil 1:9, 10) Kusho ngokuqondile lokho okucelayo. Thandazela ukuba umoya ongcwele uqondise imicabango nezenzo zakho. (Luk 11:13) Fundisa ofunda nabo iBhayibheli ukuthi kuthandazwa kanjani futhi ubakhuthaze ukuba bathandaze. Thandaza nofunda nabo iBhayibheli, uwasho amagama abo futhi ubathandazele.

BUKELANI IVIDIYO ETHI YAMUKELA USIZO LUKAJEHOVA UKUZE UTHOLE INJABULO NGOKWENZA ABAFUNDI​—UMTHANDAZO BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Iyiphi inselele uNonto abhekana nayo lapho efunda noMbali?

  • Eyabase-1 Korinte 3:6 yamsiza kanjani uNonto?

  • Yaxazululwa kanjani inselele uNonto ayebhekene nayo?