Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Qiniseka Ngokuthi Uzosinda Lapho Lesi Simiso Sezinto Siphela

Qiniseka Ngokuthi Uzosinda Lapho Lesi Simiso Sezinto Siphela

Maduzane, uJehova uzoyeka ukubekezelela leli zwe. Inkolo yamanga izobhujiswa, umfelandawonye wezizwe uzohlasela abantu bakaNkulunkulu futhi uJehova uzoqeda ngabantu ababi e-Armagedoni. AmaKristu amagange ukubona lezi zenzakalo eziyingqopha-mlando.

Kuyiqiniso ukuthi asiyazi yonke imininingwane ephathelene nosizi olukhulu. Ngokwesibonelo, asazi ngokuthe ngqo ukuthi luzoqala nini. Asizazi izizathu eziyokwenza osopolitiki babone kuyinto efanele ukuba bahlasele inkolo. Asazi ukuthi kuyothatha isikhathi esingakanani ukuhlasela kwezizwe abantu bakaNkulunkulu noma ukuthi kuyobe kuhilelani. Asazi nokuthi yini ngokoqondile uJehova ayoyisebenzisa lapho ebhubhisa abantu ababi e-Armagedoni.

Noma kunjalo, imiBhalo isinika yonke imininingwane esiyidingayo ukuze sibheke esikhathini esizayo sinesibindi nokuqiniseka. Ngokwesibonelo, siyazi ukuthi siphila ekupheleni ‘kwezinsuku zokugcina.’ (2Ti 3:1) Siyazi ukuthi ukuhlaselwa kwenkolo ‘kuyofinyezwa’ ukuze inkolo yeqiniso ingaqedwa. (Mat 24:22) Siyazi ukuthi uJehova uzobakhulula abantu bakhe. (2Pe 2:9) Siyazi nokuthi Lowo uJehova amkhethile ukuba aqothule ababi futhi akhulule isixuku esikhulu phakathi ne-Armagedoni, ulungile futhi unamandla.​—IsA 19:11, 15, 16.

Izenzakalo ezizayo nakanjani ziyokwenza abantu ‘baquleke ngenxa yokwesaba.’ Nokho, ngokufunda nokuzindla ngezenzo zokukhulula zikaJehova zangaphambili nalokho akwambulile ngekusasa, ‘singama siqonde futhi siphakamise amakhanda ethu,’ siqiniseka ngokuthi ukukhululwa kwethu kuseduze.​—Luk 21:26, 28.