UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Yiba Ngumuntu Ophanayo”
UJesu wabonisa ukuthi umoya wokupha uyathelelana. (Luk 6:38) Uma ungumuntu ophanayo ungenza abafowenu nodadewenu nabo babe nomusa futhi baphane.
Ukukhonza kwethu kuhlanganisa nokupha ngenjabulo. UJehova uyabaqaphela labo abawabonisa umusa amanye amaKristu adinga usizo futhi uthembisa ukubavuza.—IzA 19:17.
BUKELANI IVIDIYO ETHI SIYAWAZISA UMOYA WENU WOKUPHA BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Iminikelo yenu isetshenziswe kanjani ukuze isekele abafowethu nodadewethu?
-
Kungani kufanele siqhubeke sipha kungakhathaliseki ukuthi sipha kangakanani?—Bheka nesihloko esithi “Inala Iqeda Ukuntula” esitholakala ku-jw.org.