AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Yonke Indlu Ka-Ahabi Izoshabalala”—2Kh 9:8
UMBUSO WAKWAJUDA
UJehoshafati uyinkosi
c. 911 B.C.E.: UJehoramu (indodana kaJehoshafati; umyeni ka-Athaliya oyindodakazi ka-Ahabi noJezebeli) uba umbusi
c. 906 B.C.E.: U-Ahaziya (umzukulu ka-Ahabi noJezebeli) uba inkosi
c. 905 B.C.E.: U-Athaliya ubulala yonke inzalo yasebukhosini bese ethatha ubukhosi. Kusinda umzukulu wakhe uJehowashi kuphela ocashiswe uMpristi Ophakeme uJehoyada.—2Kh 11:1-3
898 B.C.E.: UJehowashi uba yinkosi. INdlovukazi u-Athaliya ibulawa uMpristi Ophakeme uJehoyada.—2Kh 11:4-16
UMBUSO WAKWA-ISRAYELI
c. 920 B.C.E.: U-Ahaziya (indodana ka-Ahabi noJezebeli) uba yinkosi
c. 917 B.C.E.: UJehoramu (indodana ka-Ahabi noJezebeli) uba yinkosi
c. 905 B.C.E.: UJehu ubulala iNkosi yakwa-Israyeli uJehoramu nabafowabo, unina kaJehoramu (uJezebeli) neNkosi yakwaJuda u-Ahaziya nabafowabo.—2Kh 9:14—10:17
c. 904 B.C.E.: UJehu uqala ukubusa njengenkosi