UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ubuqotho Nalokho Esikucabangayo
Sibonisa ukuthi siqotho hhayi ngalokho esikushoyo nesikwenzayo kuphela kodwa nangalokho esikucabangayo. (Hu 19:14) Ngakho iBhayibheli lisinxusa ukuba sicabange nganoma yiziphi izinto eziyiqiniso, ezibaluleke ngempela, ezilungile, ezimsulwa, ezithandekayo, okukhulunywa kahle ngazo, ubuhle nezikufanelekelayo ukudunyiswa. (Flp 4:8) Yiqiniso, asikwazi ukukugwema ukucabanga ngezinto ezingalungile ngaso sonke isikhathi. Noma kunjalo, ukuzithiba kungasisiza sikhiphe imicabango engalungile ezingqondweni zethu futhi sifake elungile. Ukuhlala siqotho endleleni esicabanga ngayo kuzosisiza sihlale siqotho kukho konke esikwenzayo.—Mar 7:21-23.
Ngaphansi kwemiBhalo elandelayo, bhala imicabango okumele siyigweme: