UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Bazali—Fundisani Izingane Zenu Indlela Ezingamjabulisa Ngayo UNkulunkulu
UJehova ubheka abasha njengabayigugu kakhulu. Uyayiqaphela indlela olukhula ngayo ukholo lwabo nendlela abamthanda ngayo, uyakubona nokukhuthazela kwabo. (1Sa 2:26; Luk 2:52) Ngisho noma bebancane, abantwana bangayijabulisa inhliziyo kaJehova ngokuziphatha kahle. (IzA 27:11) Ngenhlangano yakhe, uJehova usinikeze amathuluzi amahle kakhulu ukuze asize abazali bafundise izingane zabo ukumthanda futhi zimlalele.
BUKELANI IVIDIYO ETHI “ZINGANE—UKUKHUTHAZELA KWENU KWENZA UJEHOVA AJABULE”! BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
UJehova ubasize futhi wabaqondisa kanjani abasebasha kuyo yonke le minyaka?
-
Yimaphi amathuluzi esinawo manje angasiza abazali?
-
Uma usemusha, yini ekusizile kulokho uJehova akungiselele khona futhi kungani usho kanjalo?