Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Disemba 16-22

IHUBO 119:​57-120

Disemba 16-22

Ingoma 129 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. Izindlela Zokukhuthazelela Ubunzima

(10 imiz.)

Qhubeka ufunda futhi utadisha iZwi likaNkulunkulu (Hu 119:61; w06 6/15 20 ¶2; w00 12/1 14 ¶3)

Vumela uvivinyo obhekene nalo lukucwenge (Hu 119:71; w06 9/1 14 ¶4)

Cela induduzo kuJehova (Hu 119:76; w17.07 13 ¶3, 5)

ZIBUZE, ‘Yiziphi izindlela uJehova angisize ngazo ukuze ngikhuthazelele ubunzima?’

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 119:96—Kungenzeka ukuthi lisho ukuthini leli vesi? (w06 9/1 14 ¶5)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Bonisa umninikhaya iwebusayithi yethu bese umnikeza ikhadi elinemininingwane yesifundo seBhayibheli. (lmd isifundo 2 iphuzu 5)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(4 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Memela umuntu enkulumweni yeningi elandelayo. Hlanganisa nevidiyo ethi Kwenziwani EHholo LoMbuso? (lmd isifundo 8 iphuzu 3)

6. Chaza Izinkolelo Zakho

(5 imiz.) Umboniso. ijwbq 157—Isihloko: Lithini IBhayibheli Ngezinhlekelele Zemvelo? (lmd isifundo 3 iphuzu 3)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 128

7. UJehova Uyasisiza Sikhuthazele

(15 imiz.) Ingxoxo.

Ukukhuthazela kobuKristu kusho ukukwazi ukubhekana nobunzima noma usizi kodwa lungakunqobi. Kuhilela ukuba lapho sibhekene novivinyo sime siqine, sibe nesimo esihle sengqondo ngalolo vivinyo bese siba nethemba lokuthi luzophela. Uma sikhuthazela ngeke ‘sihlehlele emuva’ noma sidebesele enkonzweni yethu yobuKristu lapho kuphakama izinkinga. (Heb 10:​36-39) UJehova uzimisele ukusisiza sikhuthazelele uvivinyo.—Heb 13:6.

EmiBhalweni elandelayo, bhala indlela uJehova asisiza ngayo sikwazi ukukhuthazela.

Dlala IVIDIYO ethi Bathandazele Kakhulu Labo Abakhuthazelela Uvivinyo. Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo:

  • Singayisebenzisa kanjani i-jw.org ukuze sazi ngabafowethu ababhekene novivinyo?

  • Abazali bangaziqeqesha kanjani izingane zabo ukuba zithandazele abanye futhi kusiza kanjani lokho?

  • Kungani kubalulekile ukucela uJehova ukuba asize amaKristu esikanye nawo akhuthazele?

  • Ukuthandazela abanye kusisiza kanjani sikhuthazelele olwethu uvivinyo?

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 32 Nomthandazo