Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Disemba 23-29

IHUBO 119:​121-176

Disemba 23-29

Ingoma 31 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. Indlela Yokugwema Ubuhlungu Benhliziyo Obungadingekile

(10 imiz.)

Thanda imiyalo kaNkulunkulu (Hu 119:127; w18.06 17 ¶5-6)

Kuzonde ukwenza okubi (Hu 119:128; w93 4/15 17 ¶12)

Lalela uJehova, ugweme amaphutha enziwa “abangenalwazi” (Hu 119:​130, 133; IzA 22:3)

ZIBUZE, ‘Kukuphi lapho kudingeka ngithuthukise khona endabeni yokuthanda imiyalo kaNkulunkulu noma ekuzondeni ukwenza okubi?’

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 119:160—Ngokuvumelana naleli vesi, yini okumele siqiniseke ngayo? (w23.01 2 ¶2)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) ENDLINI NGENDLU. (lmd isifundo 1 iphuzu 5)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(4 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Bonisa umuntu ukuthi angakuthola kanjani ukwaziswa akuthandayo ku-jw.org. (lmd isifundo 8 iphuzu 3)

6. Ukwenza Abafundi

(5 imiz.) Xoxa nomuntu ofundelwayo ongezi njalo emihlanganweni yebandla. (lmd isifundo 12 iphuzu 4)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 121

7. Ungavumeli Imali Ikwenze Ube Nenhliziyo Ebuhlungu Ngokungadingekile

(15 imiz.) Ingxoxo.

Abantu ababuswa ukuthanda imali “bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.” (1Ti 6:​9, 10) Ngezansi kuneminye yemiphumela ebuhlungu nengadingekile esiyoyithola uma sithanda imali futhi siphilela yona.

  • Ngeke sikwazi ukuba nobuhlobo obuseduze noJehova.—Mat 6:24

  • Asisoze saneliseka.—Shu 5:10

  • Siyolingeka ukuba siziphathe ngendlela engafanele, ehlanganisa ukuqamba amanga, ukuntshontsha nokukhohlisa. (IzA 28:20) Uma sizenza lezi zinto siyolahlwa unembeza, sibe nedumela elibi futhi silahlekelwe umusa kaNkulunkulu.

Funda eyamaHebheru 13:​5, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ukuze ugweme ukuba nenhliziyo ebuhlungu, kufanele uyibheke kanjani imali futhi kungani?

Ngisho noma singayithandi imali, siyoba nenhliziyo ebuhlungu uma singakwazi ukuyisebenzisa ngokuhlakanipha.

Dlala ividiyo ethi UKUFUNDA NGEMIDWEBO Indlela Yokusebenzisa Imali Yakho. Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo:

  • Kungani kufanele uhlele ukuthi uzoyisebenzisa kanjani imali futhi ungakwenza kanjani?

  • Kungani kukuhle ukubeka imali?

  • Kungani kuwukuhlakanipha ukugwema izikweletu ezingadingekile?

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 101 Nomthandazo