Disemba 30, 2024–Januwari 5, 2025
IHUBO 120-126
Ingoma 144 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)
1. Bahlwanyela Ngezinyembezi Kodwa Bavuna Ngokuthokoza
(10 imiz.)
Ama-Israyeli ayejabule lapho ekhululwa eBhabhiloni ukuze abuyisele ukukhulekela okumsulwa (Hu 126:1-3)
Lawo ayebuyela eJudiya kungenzeka akhala izinyembezi ngenxa yomsebenzi onzima okwakufanele awenze (Hu 126:5; w04 6/1 16 ¶10)
Abantu baphikelela futhi babusiswa (Hu 126:6; w21.11 24 ¶17; w01 7/15 18-19 ¶13-14; bheka isithombe )
ONGAZINDLA NGAKHO: Ngemva kokukhululwa kuleli zwe nge-Armagedoni, yiziphi izinselele esiyobhekana nazo lapho kwenziwa umsebenzi omkhulu wokulungisa umhlaba? Yiziphi izibusiso esiyozithola?
2. Amagugu Angokomoya
(10 imiz.)
-
Hu 124:2-5—Singalindela yini ukuba uJehova avikele ukuphila kwethu njengoba enza esizweni sakwa-Israyeli? (cl 73 ¶15)
-
Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?
3. Ukufundwa KweBhayibheli
(4 imiz.) Hu 124:1–126:6 (th isifundo 5)
4. Ukuqala Ingxoxo
(3 imiz.) UKUSHUMAYELA EZINDAWENI ZOMPHAKATHI. (lmd isifundo 3 iphuzu 5)
5. Ukubuyela Koxoxe Naye
(4 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Ngokudlule, umninikhaya uzwakalise ukuthi uyalingabaza iBhayibheli. (lmd isifundo 9 iphuzu 5)
6. Ukwenza Abafundi
Ingoma 155
7. Jabula Ngezithembiso ZikaNkulunkulu
(15 imiz.) Ingxoxo.
UJehova wazifeza izithembiso ayezenze kubantu bakhe ababethunjwe eBhabhiloni. Wabakhulula wabelapha ngokomoya. (Isay 33:24) Wabavikela, wavikela nemfuyo yabo ukuze bangabi yizisulu zamabhubesi nezinye izilwane eziyingozi ezase zandile ngesikhathi bengekho. (Isay 65:25) Babengahlala emizini ethi bona, badle izithelo zamasimu abo. (Isay 65:21) UNkulunkulu wawubusisa umsebenzi wabo futhi baphila isikhathi eside.—Isay 65:22, 23.
Dlala IVIDIYO ethi Jabula Ngezithembiso ZikaNkulunkulu Zokuthula—Isiqephu. Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo:
-
Sizibona zigcwaliseka kanjani lezi ziprofetho ngokomoya?
-
Ziyogcwaliseka kanjani ngokoqobo ezweni elisha?
-
Yiziphi wena okulangazelela kakhulu ukuzibona zigcwaliseka?
8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla
(30 imiz.) bt isahl. 20 ¶8-12, ibhokisi ek. 161