Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Novemba 18-24

IHUBO 107-108

Novemba 18-24

Ingoma 7 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. “Bongani UJehova, Ngoba Muhle”

(10 imiz.)

UJehova usikhulule ezweni likaSathane ngendlela akhulula ngayo ama-Israyeli eBhabhiloni (Hu 107:​1, 2; Kol 1:​13, 14)

Sibonisa ukuthi siyambonga uJehova ngokumdumisa ebandleni (Hu 107:​31, 32; w07 4/15 20 ¶2)

Singaba ababongayo uma sicabangisisa ngezenzo zothando uJehova asenzela zona (Hu 107:43; w15 1/15 9 ¶4)

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 108:9—Ukufanisa uMowabi ‘nendishi’ kaNkulunkulu “yokugeza” kungenzeka kwakubhekisela kuphi? (it-2-E 420 ¶4)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. (lmd isifundo 1 iphuzu 4)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(4 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Chazela umuntu ngesimiso sethu sokutadisha iBhayibheli, bese umnikeza ikhadi elinemininingwane yesifundo seBhayibheli. (lmd isifundo 9 iphuzu 3)

6. Inkulumo

(5 imiz.) ijwyp 90—Isihloko: Ngingayigwema Kanjani Imicabango Engemihle? (th isifundo 14)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 46

7. Siyacula Ukuze Sibonge UJehova

(15 imiz.) Ingxoxo.

Ngemva kokuba uJehova ekhulule ama-Israyeli ayesaba kakhulu empini enamandla yabaseGibhithe oLwandle Olubomvu, aculela uJehova ekhamuluka, embonga. (Eks 15:​1-19) Amadoda iwona ayehola ekuculeni le ngoma entsha. (Eks 15:21) UJesu namaKristu ekhulu lokuqala nabo baculela uNkulunkulu izingoma zokudumisa. (Mat 26:30; Kol 3:16) Nathi siyaqhubeka sibonisa ukumazisa uJehova ngokucula emihlanganweni yebandla, yesigodi neyesifunda. Ngokwesibonelo, ingoma esiqeda kuyicula, ethi “Siyakubonga Jehova,” ibilokhu iculwa emihlanganweni yethu kusukela ngo-1966.

Kwamanye amasiko, amadoda angase abe namahloni okucula phakathi kwabantu. Abanye bangase bangaculi ngenxa yokuthi bacabanga ukuthi abaculi kahle. Nokho, kufanele sikhumbule ukuthi ukucula emihlanganweni yethu kuyingxenye yokukhulekela. Inhlangano kaJehova isebenza kanzima yenza umculo omnandi ikhetha nezingoma ezifanelekayo esizicula emihlanganweni. Okwethu sekulula—ukuba sicule ndawonye sibonise uBaba wethu osezulwini uthando nokwazisa okusuka enhliziyweni.

Dlala IVIDIYO ethi Umlando Wethu—Isipho Somculo, Ingxenye 2. Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo:

  • Yini ephawulekayo eyenzeka ngo-1944?

  • Abafowethu baseSiberia babonisa kanjani ukuthi bayathanda ukucula izingoma zoMbuso?

  • Kungani ukucula kubaluleke kangaka koFakazi BakaJehova?

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

(30 imiz.) bt isahl. 18 ¶6-15

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 73 Nomthandazo