Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Novemba 4-10

IHUBO 105

Novemba 4-10

Ingoma 3 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. “Ukhumbula Isivumelwano Sakhe Kuze Kube Phakade”

(10 imiz.)

UJehova wenza isithembiso ku-Abrahama futhi wasiphinda ku-Isaka nakuJakobe (Gen 15:18; 26:3; 28:13; Hu 105:​8-11)

Kwakubonakala sengathi ngeke sigcwaliseke lesi sithembiso (Hu 105:​12, 13; w23.04 28 ¶11-12 )

UJehova akazange asikhohlwe isivumelwano asenza no-Abrahama (Hu 105:​42-44; it-2-E 1201 ¶2)


ZIBUZE, ‘Kungisiza kanjani ukwazi ukuthi ngingamethemba ngokugcwele uJehova?’

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 105:​17-19—“Izwi likaJehova” lamlolonga kanjani uJosefa? (w86 11/1 19 ¶15 )

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(1 umz.) ENDLINI NGENDLU. Umninikhaya umfica ematasa. (lmd isifundo 2 iphuzu 5)

5. Ukuqala Ingxoxo

(2 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Phetha ingxoxo ngendlela enomusa lapho umuntu eqala ukuphikisa. (lmd isifundo 4 iphuzu 5)

6. Ukubuyela Koxoxe Naye

(4 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Nikeza umninikhaya umagazini onesihloko esikhuluma ngento ayeyithandile esikhathini esidlule. (lmd isifundo 8 iphuzu 3)

7. Ukubuyela Koxoxe Naye

(4 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Xoxela umuntu nge-app ye-JW Library® bese uyamsiza ukuba ayidawunilode. (lmd isifundo 9 iphuzu 5)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 84

8. Izindlela Obonisa Ngazo Uthando

(15 imiz.) Ingxoxo.

Lapho sisebenzisa isikhathi sethu, amandla ethu kanye nemali ukuze sisekele uMbuso, sisuke sibonisa uthando lwethu ngeNdodana kaJehova, iNkosi yethu, uJesu Kristu. Izenzo ezinjalo zothando zenza uJehova asithande, ziphinde zizuzise abafowethu nodadewethu. (Joh 14:23) Uchungechunge lwezihloko ze-jw.org, oluthi “Indlela Iminikelo Yenu Esetshenziswa Ngayo” lubonisa indlela iminikelo yethu ebasiza ngayo abafowethu nodadewethu emhlabeni wonke.

Dlala IVIDIYO ethi Iminikelo Yenu Ifeza Okukhulu. Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo:

  • Ukusetshenziswa kweminikelo ukuze kuvikelwe inkululeko engokwenkolo kubazuzise kanjani abafowethu?

  • ‘Ukulinganiswa’ kwezimali kusize kanjani ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso?—2Ko 8:14

  • Ukusebenzisa iminikelo ukuze kusekelwe umsebenzi wokuhumusha iBhayibheli ngezilimi ezihlukahlukene kube naziphi izinzuzo?

9. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 97 Nomthandazo