Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Lingasifundisani IBhayibheli?​—Indlela Yokuyisebenzisa

Lingasifundisani IBhayibheli?​—Indlela Yokuyisebenzisa

Incwadi ethi Lingasifundisani, ezotholakala maduze, nethi Okufundiswa IBhayibheli zithi azifane. Zombili lezi zincwadi ezisohlwini lwezincwadi zokufundisa, ziqukethe amaqiniso afanayo futhi ahlelwe ngendlela efanayo. Nokho, incwadi ethi Lingasifundisani isebenzisa amagama alula futhi ibhalwe ngendlela eqondakala kalula. Yenzelwe labo okungenzeka bakuthola kunzima ukuqonda incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Esikhundleni sesithasiselo, le ncwadi inamaphuzu abekwe ekugcineni kwesahluko ngasinye, anikeza incazelo elula yamagama nemiqondo etholakala phakathi nesahluko. Izahluko azisenayo imibuzo ekuqaleni noma ibhokisi lokubukeza ekugcineni. Esikhundleni salokho, izahluko seziphetha ngokubukeza amaqiniso eBhayibheli abekade echazwa phakathi naleso sahluko. Njengoba bekwenziwa encwadini ethi Okufundiswa IBhayibheli, le ncwadi ingahanjiswa noma nini, ngisho noma ingesona isipho saleyo nyanga. Singayisebenzisa kanjani le ncwadi ethi Lingasifundisani lapho siqhuba isifundo seBhayibheli?

UKUBUKEZA: Kwabaningi ingaba wusizo indlela yethu evamile yokuqhuba isifundo ngokufunda isigaba encwadini ethi Okufundiswa IBhayibheli bese kamuva kubuzwe umbuzo. Ake sithi, mhlawumbe umfundi akajwayelene nolimi noma akakwazi ukufunda kahle. Esimweni esinjalo, ungase unqume ukuba nifunde incwadi ethi Lingasifundisani. Kungase kusetshenziswe ingxenye yokubukeza esekugcineni kwesahluko bese kukhuthazwa umfundi ukuba azifundele yena isahluko. Ingxenye ngalinye ethi Iqiniso leBhayibheli ingase ifundwe isikhathi esingaba yimizuzu engu-15. Njengoba ukubukeza kungenayo imininingwane etholakala esahlukweni, umqhubi noma oqhuba isifundo kumelwe alungiselele kahle, acabange nangezidingo zomfundi. Uma umqhubi esebenzisa isahluko lapho efunda nomfundi, ingxenye esekugcineni efushanisiwe ingasetshenziselwa ukubukeza.

IMIBHALO ESEKUGCINENI: Amagama nemiqondo asemibhalweni esekugcineni alandelana ngendlela avela ngayo esahlukweni. Oqhuba isifundo angase azinqumele ukuthi uzoyisebenzisa yini imibhalo esekugcineni encwadini ethi Lingasifundisani phakathi nesifundo.