UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Basha—Ningazindeli Ukungena ‘Ngomnyango Omkhulu’
Kungaba lula ukucabanga ukuthi izinsuku zobusha bethu zizolokhu ziqhubeka nje nokuthi ngeke sibhekane ‘nezinsuku ezinzima’ ezihambisana nokuguga kuleli zwe likaSathane. (UmSh 12:1) Uma usemusha, ingabe ungathatha ngokuthi usenesikhathi esiningi sokuphishekela imigomo engokomoya njengenkonzo yesikhathi esigcwele?
‘Isenzakalo esingalindelekile sisehlela’ sonke, kuhlanganise nabasha. (UmSh 9:11) ‘Anazi ukuthi ukuphila kwenu kuyoba yini kusasa.’ (Jak 4:14) Khona-ke, ningazindeli ngokungenasidingo ukuphishekela izithakazelo ezingokomoya. Ngenani ‘ngomnyango omkhulu oholela emsebenzini’ usakuvulekele. (1Ko 16:9) Ngeke nizisole.
Eminye imigomo engokomoya ongase uyiphishekele:
-
Ukushumayela ensimini yolunye ulimi
-
Inkonzo yokuphayona
-
Ukuya ezikoleni zenkonzo
-
Ukusebenza ezakhiweni
-
Inkonzo yaseBethel
-
Umsebenzi wokujikeleza