Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | IZAGA 27-31

IBhayibheli Lichaza Umfazi Onekhono

IBhayibheli Lichaza Umfazi Onekhono

Incwadi yezAga isahluko 31 iqukethe umyalezo osemqoka weNkos’ uLamuweli ovela kunina. Iseluleko sakhe esihlakaniphile safundisa uLamuweli indlela ayengambona ngayo umfazi onekhono.

Umfazi onekhono uthembekile

31:10-12

  • Unikeza amacebiso awusizo ezinqumweni ezenziwa emndenini kodwa ebe eqhubeka ethobekile

  • Umyeni wakhe uyamethemba ukuthi uzokwenza izinqumo ezihlakaniphile, ngakho akamphoqeleli ukuba athole imvume yakhe kuzo zonke izinto

Umfazi onekhono ukhuthele

31:13-27

  • Ufunda izindlela zokonga futhi uphila ngendlela elinganiselayo ukuze umndeni wakhe ugqoke ngendlela ecocekile nefanelekayo futhi ube owondleke kahle

  • Usebenza kanzima enakekela abendlu yakhe imini nobusuku

Umfazi onekhono ungumuntu ongokomoya

31:30

  • Wesaba uNkulunkulu futhi uhlakulela ubuhlobo obuhle naye