UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Umyeni Wakhe Ngumuntu Owaziwayo Emasangweni”
Umfazi onekhono wakhela umyeni wakhe idumela elihle. Ezinsukwini zeNkos’ uLemuweli, umyeni owayenomfazi onekhono ‘wayaziwa emasangweni.’ (IzA 31:23) Namuhla, amadoda ahloniphekile ayizinceku ezikhonzayo nabadala. Uma eshadile, ilungelo lawo lokukhonza lixhomeke kakhulu ekuziphatheni nasekusekelweni kahle omkawo. (1Thim 3:4, 11) Abafazi abanjalo baziswa kakhulu, hhayi ngabayeni babo kuphela kodwa nebandla liyabazisa.
Umfazi onekhono usiza umyeni wakhe ukuba akhonze . . .
-
ngokumkhuthaza ngamazwi anomusa.—IzA 31:26
-
ngokumvumela ngokukhululekile ukuba asize ebandleni.—1Thes 2:7, 8
-
ngokuphila ngendlela elinganiselayo.—1Thim 6:8
-
ngokungambuzi ngezindaba eziyimfihlo zebandla.—1Thim 2:11, 12; 1Pet 4:15