Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | IZAGA 1-6

“Thembela KuJehova Ngayo Yonke Inhliziyo Yakho”

“Thembela KuJehova Ngayo Yonke Inhliziyo Yakho”

UJehova uyakufanelekela ukuba simethembe ngokuphelele. Incazelo yegama lakhe isenza siqiniseke ngokuthi uzokwazi ukugcwalisa zonke izithembiso zakhe. Umthandazo usisiza kakhulu ukuba simethembe. IzAga isahluko 3 zisiqinisekisa ngokuthi lapho simethemba uJehova, uzosivuza ‘ngokwenza izindlela zethu ziqonde.’

Ohlakaniphile emehlweni akhe . . .

3:5-7

  • wenza izinqumo ngaphandle kokuqale acele isiqondiso kuJehova

  • uthembela kulokho akucabangayo noma emibonweni yezwe

Othembela kuJehova . . .

  • uqinisa ubuhlobo bakhe noJehova ngokutadisha iBhayibheli, ngokuzindla nangomthandazo

  • ufuna isiqondiso sikaJehova lapho enza izinqumo ngokuhlola izimiso zeBhayibheli

YILUPHI UHLANGOTHI OLUCHAZA INDLELA ENGENZA NGAYO IZINQUMO?

OKOKUQALA: Ngikhetha lokho engicabanga ukuthi kuyinkambo engcono kakhulu

OKOKUQALA: Ngifuna isiqondiso sikaJehova ngomthandazo nangokutadisha

OKWESIBILI: Ngicela isibusiso sikaJehova esinqumweni engisenzayo

OKWESIBILI: Ngikhetha inkambo evumelana nezimiso zeBhayibheli