Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | IZAGA 12-16

Ukuhlakanipha Kungcono Kunegolide

Ukuhlakanipha Kungcono Kunegolide

Kungani ukuhlakanipha esikuthola kuNkulunkulu kuyigugu kangaka? Kwenza abantu abanakho bangenzi okubi futhi kubenza baqhubeke bephila. Kubenza babe nesimo sengqondo esihle, kuthonye nendlela abakhuluma nabaziphatha ngayo.

Ukuhlakanipha kusivikela ekuqhosheni

16:18, 19

  • Umuntu ohlakaniphile uyaqaphela ukuthi uJehova unguMthombo wakho konke ukuhlakanipha

  • Labo abaphumelelayo ekuphileni noma abathola amalungelo engeziwe yibona ngokukhethekile okumelwe baqaphele ukuqhosha nokuzidla

Ukuhlakanipha Kusisiza Sikhulumisane kahle

16:21-24

  • Umuntu ohlakaniphile usebenzisa ukuqonda ukuze athole okuhle kwabanye futhi akhulume kahle ngabo

  • Amazwi ahlakaniphile anethonya elihle futhi amnandi njengoju, awahlabi noma abe nokhahlo