Izintshumayelo Ezisikiselwe
PHAPHAMA!
Umbuzo: Abanye abantu bayangabaza ukuthi uJesu wake waba khona ngempela, kuyilapho abanye beqiniseka ukuthi wake waba khona. Kanti abanye bathi ayikho indlela yokuqiniseka ngalokho. Uthini owakho umbono?
Okuzohanjiswa: Le Phaphama! iveza lokho okuboniswa ubufakazi.
FUNDISA IQINISO
Umbuzo: Kwenzekani lapho sifa?
UmBhalo: Joh 11:11-14
Iqiniso: Lapho umuntu efa, ukuphila kwakhe kuyanqamuka. Ngakho akudingeki sikwesabe lokho okwenzeka ngemva kokufa. UJesu wafanisa ukufa nokulala. Njengoba enza nakuLazaru, uJesu “uzobavusa” abathandekayo bethu abafileyo khona bezobuye bajabulele ukuphila emhlabeni.—Jobe 14:14.
ISIMEMO SEMIHLANGANO YEBANDLA (inv)
Okuzohanjiswa: Ngicela ukukumemela enkulumweni yeBhayibheli yamahhala. Izobe iseHholo LoMbuso, okuyindawo esikhonza kuyo, ekuyo le ndawo. [Mnike isimemo somhlangano, umbonise isikhathi nendawo lapho imihlangano yethu yangezimpelasonto eqhutshelwa khona, umtshele nesihloko senkulumo yeningi.]
Umbuzo: Wake waya eHholo LoMbuso? [Uma kufaneleka, dlala i-video ethi Kwenziwani EHholo LoMbuso?]
ZAKHELE EYAKHO INTSHUMAYELO
Landela indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezinikeziwe ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yasensimini.