Abafowethu babonisa uthando lobuKristu eMalawi

INCWAJANA YOMHLANGANO WOKUPHILA NENKONZO Okthoba 2018

Ongase Uxoxe Ngakho

Izingxoxo ezisekelwe emibuzweni ethi: Kungani abantu bebhekana nezinto ezimbi, futhi uNkulunkulu uzokwenzani ngazo?

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

UJesu Uyazinakekela Izimvu Zakhe

UMalusi Omuhle uJesu wazi imvu ngayinye​—wazi ekudingayo, izinkinga zayo nalokho imvu ekwazi ukukwenza.

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

Lingisa Isihawu SikaJesu

Yini eyenza isihawu nozwela lukaJesu kwaphawuleka kangaka?

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

“Nginibekela Isibonelo”

UJesu wafundisa abaphostoli bakhe ukuthi bathobeke futhi benzele abafowabo imisebenzi ephansi.

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

AmaKristu Angempela Abonakala Ngothando​—⁠Gwema Ukuzicabangela Wena Futhi Ungacasuki Kalula

Ukuze sibonise uthando olufana nolukaKristu, kumelwe sikhathalele abanye futhi sigweme ukucasuka kalula.

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

“Aniyona Ingxenye Yezwe”

Abalandeli bakaJesu babezodinga isibindi ukuze bazigcine bengangcolisiwe abantu ababazungezile.

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

AmaKristu Angempela Abonakala Ngothando—Vikela Ubunye Obuyigugu

Ukuze sihlale simunye kumelwe sibheke okuhle kwabanye futhi sithethelele ngokukhululekile.

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

UJesu Wafakazela Iqiniso

Nathi njengoba singabafundi bakaJesu siyalifakazela iqiniso ngamazwi nangezenzo.

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

AmaKristu Angempela Abonakala Ngothando—Jabulela Iqiniso

Kumelwe sijatshuliswe iqiniso, sikhulume iqiniso naphezu kokuphila ezweni eligcwele abantu abanamanga nabangalungile.