Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

AmaKristu Angempela Abonakala Ngothando—Vikela Ubunye Obuyigugu

AmaKristu Angempela Abonakala Ngothando—Vikela Ubunye Obuyigugu

KUNGANI KUBALULEKILE: Ngaphambi kobusuku uJesu afa ngabo, wathandazela ukuba abafundi bakhe ‘bapheleliswe ebunyeni.’ (Joh 17:23) Ukuze sihlale simunye kumelwe sibonise uthando ‘olungenamagqubu.’—1Ko 13:5.

INDLELA YOKUKWENZA:

  • Lingisa uJehova ngokubheka okuhle kwabanye

  • Thethelela ngokukhululekile

  • Ngemva kokuxazulula udaba, ungabe usakhuluma ngalo.—IzA 17:9

BUKELA IVIDIYO ETHI ‘YIBANI NOTHANDO PHAKATHI KWENU’—UNGABAMBI AMAGQUBU, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:

  • Engxenyeni yokuqala yale vidiyo, uThandi ubonise kanjani ukuthi ubambe ‘igqubu’?

  • Engxenyeni yesibili yale vidiyo, uThandi wayinqoba kanjani indlela yokucabanga eyiphutha futhi wazama ukuba nombono omuhle?

  • Ekugcineni, uThandi wanezela kanjani ebunyeni bebandla?

Ubani esimdumaza kakhulu lapho sibamba amagqubu?