Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

AmaKristu Angempela Abonakala Ngothando—Jabulela Iqiniso

AmaKristu Angempela Abonakala Ngothando—Jabulela Iqiniso

KUNGANI KUBALULEKILE: Kumelwe silingise uJesu, simemezele iqiniso ngokuphathelene nenjongo kaNkulunkulu. (Joh 18:37) Kumelwe sijatshuliswe iqiniso, sikhulume iqiniso futhi sicabange nganoma yini eyiqiniso, naphezu kokuphila ezweni eligcwele abantu abanamanga nabangalungile.—1Ko 13:6; Fil 4:8.

INDLELA YOKUKWENZA:

  • Zimisele ukungayilaleli noma ukungayisakazi inhlebo elimazayo.—1Thes 4:11

  • Ungajatshuliswa usizi lomunye umuntu

  • Jatshuliswa izinto ezinhle nezikhuthazayo

BUKELA IVIDIYO ETHI ‘YIBANI NOTHANDO PHAKATHI KWENU’—JABULELA IQINISO, HHAYI UKUNGALUNGI BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:

  • Kungayiphi indlela uDudu ‘ajabula’ ngayo “ngokungalungi”?

  • U-Amanda wayishintsha kanjani ingxoxo yabo noDudu yaba eyakhayo?

  • Iziphi ezinye zezinto ezinhle esingaxoxa ngazo?

Jabulela iqiniso, hhayi ukungalungi