Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | EKSODUSI 33-34

Ubuntu BukaJehova Obuthandekayo

Ubuntu BukaJehova Obuthandekayo

34:5-7

Ukuqonda ubuntu bukaJehova kwasiza uMose wakwazi ukubekezelela ama-Israyeli. Ngokufanayo, uma nathi sizama kanzima ukuqonda ubuntu bukaJehova, singakwazi ukusebenzelana nabantu esikholwa nabo ngomusa.

  • “Onesihe nomusa”: UJehova unakekela izikhonzi zakhe ngothando, futhi uyazikhathalela kakhulu, njengoba nje nabazali bezinakekela izingane zabo

  • “Owephuza ukuthukuthela”: UJehova uyazibekezelela izinceku zakhe, ubekezelela namaphutha azo futhi azinike nethuba lokushintsha

  • “Nochichima umusa wothando”: UJehova ubathanda kakhulu abantu bakhe, ngakho ubuhlobo bakhe nabo buzohlala phakade

ZIBUZE, ‘Yini engingayenza ukuze ngibe nesihe nomusa njengoJehova?’