Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | EKSODUSI 37-38

Indima Ama-altare Asetabernakele Anayo Ekukhulekeleni Kweqiniso

Indima Ama-altare Asetabernakele Anayo Ekukhulekeleni Kweqiniso

37:25, 29; 38:1

Ama-altare asetabernakele ayakhiwe kusetshenziswa iziqondiso zikaJehova futhi ayemelela okuthile okukhethekile.

  • Imithandazo eyenziwa izinceku zikaJehova iyamjabulisa njengokushiswa kwempepho ehlanganiswe kahle

  • UJehova wayeyamukela imihlatshelo eyayenziwa e-altare leminikelo eshiswayo. Ukuba kwayo phambili endlini engcwele kusikhumbuza ukuthi ukuze sijabulise uNkulunkulu kufanele sibe nokholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu.—Joh 3:16-18; Heb 10:5-10

Singayilungiselela kanjani imithandazo yethu ibe njengempepho eya kuNkulunkulu?—IHu 141:2