Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTUb2

Umkhankaso Okhethekile KaNovemba Wokumemezela UMbuso KaNkulunkulu

Umkhankaso Okhethekile KaNovemba Wokumemezela UMbuso KaNkulunkulu

UJesu wamemezela “izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.” (Luka 4:43) Wabuye wafundisa abantu ukuba bawuthandazele lowo Mbuso. (Math 6:9, 10) NgoNovemba, sizozama ngazo zonke izindlela ukumemezela uMbuso kaNkulunkulu. (Math 24:14) Hlela izimo zakho ukuze uhlanganyele ngokugcwele kulo mkhankaso. Wonke amaphayona asizayo kule nyanga angakhetha umgomo wamahora angu-30 noma angu-50.

Xoxa ngomBhalo okhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu nabantu abaningi ngangokunokwenzeka ensimini yangakini. Lapho ukhetha umBhalo, cabanga ngokuthi umuntu okulalele usonta kuphi. Uma umuntu ebonisa ukuthi uyathanda ukuxoxa nawe lapho nixoxa okokuqala, mnikeze INqabayokulinda yomphakathi No. 2 ka-2020. Zama ukubuyela kuye ngokushesha, futhi niqale isifundo seBhayibheli ngencwadi eseBhokisini Lamathuluzi Okufundisa. Kusele isikhathi esincane kakhulu ngaphambi kokuba uMbuso kaNkulunkulu uqede wonke amagunya amelene nawo. (Dan 2:44; 1Ko 15:24, 25) Ngakho-ke, masilibambe ngazo zombili leli thuba elikhethekile lokubonisa ukuthi siqotho kuJehova naseMbusweni wakhe!

UMbuso kaNkulunkulu uzokwenza umhlaba ube yiPharadesi!