Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Bubheke Njengobuyigugu Ubuhlobo Bakho NoJehova

Bubheke Njengobuyigugu Ubuhlobo Bakho NoJehova

OFakazi BakaJehova babubheka njengobuyigugu ubuhlobo babo noJehova. NjengamaKristu azinikezele futhi abhapathiziwe, siyaqhubeka sihlakulela ukuba nobuhlobo obujulile neNkosi enguMbusi uJehova. UJehova uye wasidonsela kuye ngeNdodana yakhe. (Joh 6:44) Uyayilalela imithandazo yethu.—IHu 34:15.

Singabuvikela kanjani ubuhlobo bethu obuyigugu noNkulunkulu? Ngokugwema izinto ezimbi ezenziwa ama-Israyeli. Ngemva kokuba enze isivumelwano noJehova, enza ithole legolide akhonza izithombe. (Eks 32:7, 8; 1Ko 10:7, 11, 14) Singase sizibuze: ‘Ngenzenjani lapho ngibhekene nesilingo? Engikwenzayo kuyabonisa yini ukuthi ngibubheka njengobuyigugu ubuhlobo bami noJehova?’ Uma simthanda ngokujulile uBaba wethu wasezulwini, ngeke sizenze izinto azizondayo.—IHu 97:10.

BUKELA IVIDIYO ETHI VIKELA UBUHLOBO BAKHO NOJEHOVA (KOL 3:5), BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Kuyini ukuhaha?

  • Kungani kumelwe sigweme ubugovu nokukhonza izithombe?

  • Ubufebe nokukhonza izithombe kuhlobene kanjani?

  • Kungani labo abanemithwalo enhlanganweni kufanele baqiniseke ukuthi bayazinakekela izidingo zalabo abashade nabo?