UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukuqalisa Ingxoxo Nabantu Ukuze Ukwazi Ukubashumayeza
UJesu wakwazi ukushumayeza owesifazane ongumSamariya ngenxa nje yokuthi waqale wazixoxela naye. Singawathuthukisa kanjani amakhono ethu okuqala izingxoxo nabantu esingabazi?
-
Yiba umuntu okhululekile, uxoxe nabantu. Nakuba uJesu ayekhathele, wamane waqala ingxoxo ngokucela ukuphuziswa amanzi. Ngakho, nawe ungaqala ngokubingelela ngendlela enomusa, bese mhlawumbe uxoxa ngesimo sezulu noma ngezinye izindaba ezisematheni. Khumbula ukuthi okwamanje into ebalulekile ukuqala ingxoxo. Ngakho xoxa nganoma yini lowo muntu angase athande ukuxoxa ngayo. Uma engathandi ukuxoxa, ngeke ulahlekelwe yilutho. Phinde uzame omunye umuntu. Cela uJehova akuphe isibindi.—Neh 2:4; IzE 4:29.
-
Qaphela amathuba okufaka izindaba ezinhle engxoxweni, kodwa ungabe usujaha ukuxoxa ngazo. Vumela ingxoxo ize ifinyelele ethubeni lokufaka izindaba ezinhle. Uma ujaha ukufaka izindaba ezinhle, umuntu oxoxa naye angase angasakhululeki bese eyeka ukuxoxa. Ungadumali uma ingxoxo iphela ungakalitholi ithuba lokushumayela. Uma kunzima ukushumayeza umuntu ohlangana naye, zama ukuzijwayeza ukuqala ngokuzixoxela nje nomuntu ngaphandle kokumshumayeza. [Dlala ividiyo 1 bese nixoxa ngayo.]
-
Zama ukuthola ithuba lokushumayela ngokusho amazwi athile asuka enhliziyweni aphathelene nezinto ozikholelwayo. Lokho kungase kwenze oxoxa naye abuze imibuzo. UJesu washo amazwi enza owesifazane ongumSamariya wacabanga, waze wambuza imibuzo. Lapho esefaka izindaba ezinhle, wayesemane ephendula imibuzo yakhe. [Dlala ividiyo 2, nixoxe ngayo, bese nidlala ividiyo 3, nixoxe ngayo.]