UJesu Wadumisa UYise
UJesu wayedumisa uYise wasezulwini kukho konke ayekusho nayekwenza. Wayefuna abantu bazi ukuthi lokhu ayeshumayela ngakho kwakuvela kuNkulunkulu. Ngakho, wayefundisa izinto ezivela emiBhalweni, evame nokucaphuna kuyo. Lapho uJesu enconywa, wayengalamukeli lolo dumo kodwa wayeluyisa kuJehova. Into ayeyikhathalela kakhulu kwakuwukufeza umsebenzi ayewunikwe uJehova.—Joh 17:4.
Singamlingisa kanjani uJesu lapho
-
siqhuba isifundo seBhayibheli noma sifundisa ebandleni?
-
abanye besincoma?
-
sinquma indlela esizosisebenzisa ngayo isikhathi sethu?