Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Yiba Othobekile Nongazikhukhumezi NjengoJesu

Yiba Othobekile Nongazikhukhumezi NjengoJesu

Ngokunika uJehova udumo, uJesu wabonisa ukuthi wayethobekile futhi engazikhukhumezi, nakuba ayengumuntu omkhulu kunabo bonke abake baphila. (Joh 7:16-18) Ngakolunye uhlangothi, uSathane waba uDeveli okusho “uMnyundeli.” (Joh 8:44) AbaFarisi ababezikhukhumeza, babebukela phansi noma ubani obonisa ukholo kuMesiya, bebonisa isimo sengqondo sikaSathane. (Joh 7:45-49) Singamlingisa kanjani uJesu lapho sithola amalungelo noma sinikwa imisebenzi ethile ebandleni?

BUKA IVIDIYO ETHI “YIBANI NOTHANDO PHAKATHI KWENU”—GWEMANI UMHAWU NOKUZIGABISA, INGXENYE 1, BESE NIXOXA NGOMBUZO OLANDELAYO:

  • U-Andile wabonisa kanjani ukuthi uyaqhosha?

BUKA IVIDIYO ETHI “YIBANI NOTHANDO PHAKATHI KWENU”—GWEMANI UMHAWU NOKUZIGABISA, INGXENYE 2, BESE NIXOXA NGEMIBUZO ELANDELAYO:

  • U-Andile wabonisa kanjani ukuthi uthobekile?

    U-Andile wamkhuthaza kanjani uBheki noKhetha?

BUKA IVIDIYO ETHI “YIBANI NOTHANDO PHAKATHI KWENU”—LAHLA UKUQHOSHA NEZENZO EZINGAFANELE, INGXENYE 1, BESE NIXOXA NGOMBUZO OLANDELAYO:

  • UMfoweth’ Ntuli wabonisa kanjani ukuthi uyazikhukhumeza?

BUKA IVIDIYO ETHI “YIBANI NOTHANDO PHAKATHI KWENU”—LAHLA UKUQHOSHA NEZENZO EZINGAFANELE, INGXENYE 2, BESE NIXOXA NGEMIBUZO ELANDELAYO:

  • UMfoweth’ Ntuli wabonisa kanjani ukuthi uthobekile?

    Isibonelo sikaMfoweth’ Ntuli samfundisani uFezile?