Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Tshela Abanye Izindaba Ezimnandi Zokuthi Umhlaba Ongcono Usuzofika!

Tshela Abanye Izindaba Ezimnandi Zokuthi Umhlaba Ongcono Usuzofika!

NgoNovemba, sizozikhandla ukuze sitshele abanye izindaba ezimnandi zokuthi umhlaba ongcono usuzofika. (Hu 37:10, 11; IsA 21:3-5) Hlela izimo zakho ukuze uhlanganyele ngokugcwele kulo mkhankaso. Uma ubhalisela ukuba ube yiphayona elisizayo kuleyo nyanga, ungakhetha ukusebenza amahora angu-30 noma angu-50.

Lungiselela ukuxoxa ngombhalo okhuluma ngomhlaba omusha nabantu abaningi ngezinga ongenza ngalo. Lapho ukhetha ivesi leBhayibheli, cabanga ngokuthi yini engakhanga abantu endaweni yangakini. Uma umuntu ekuthanda enixoxa ngakho lapho nixoxa okokuqala, mnikeze umagazini INqabayokulinda No. 2 2021. Yibe usubuyela kuye ngokushesha, uzame ukuqala isifundo seBhayibheli usebenzisa incwajana ethi Phila Kuze Kube Phakade! Ave kujabulisa ukuhlanganyela ngokugcwele “izindaba ezinhle zokuthile okungcono”!​—Isay 52:7

BUKELA IVIDIYO YENGOMA EQANJIWE ETHI SISEZWEN’ ELISHA, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Intombazanyana icabanga ngaliphi ikusasa elihle?

  • Yiziphi izinto eziyoba khona ezweni elisha ozilangazelelayo?

  • Ukuzindla ngethemba onalo kungakusiza kanjani ukuze uzilungiselele ukuhlanganyela ngokugcwele emkhankasweni wangoNovemba?​—Luk 6:45