UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Qhubeka Uqeqesha Amandla Akho Okuqonda
Umgijimi kufanele aqhubeke eziqeqesha ukuze abe umgijimi onekhono. Ngokufanayo, nathi kufanele siqhubeke sizama ukuqeqesha amandla ethu okuqonda futhi siwagcine eqeqeshekile. (Heb 5:14) Nakuba singase silingise izinqumo zabanye, kumelwe sifunde ukuzicabangela futhi sizenzele ezethu izinqumo. Kungani? Yingoba wonke umuntu uyozilandisela ngezinqumo azenzayo.—Rom 14:12.
Akufanele sicabange ukuthi siyokwenza izinqumo ezinhle ngenxa nje yokuthi sesinesikhathi eside sibhapathiziwe. Ukuze senze izinqumo ezihlakaniphile, kufanele sithembele kuJehova nakakhulu, sithembele eZwini lakhe nasenhlanganweni yakhe.—Jos 1:7, 8; IzA 3:5, 6; Mat 24:45.
BUKELANI IVIDIYO ETHI “YIBA NONEMBEZA OMUHLE,” BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
U-Emma kwakufanele enze siphi isinqumo?
-
Kungani kufanele sigweme ukuveza imibono yethu lapho umuntu kufanele asebenzise unembeza wakhe ukuze enze isinqumo?
-
Indoda nomkayo bamnikeza siphi iseluleko esihlakaniphile u-Emma?
-
U-Emma walutholaphi usizo mayelana nesimo ayebhekene naso?