Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Sebenzisa Incwadi Ethi Phila Kuze Kube Phakade! Enkonzweni Yakho

Sebenzisa Incwadi Ethi Phila Kuze Kube Phakade! Enkonzweni Yakho

Ave sikujabulela ukuba nencwajana nencwadi entsha yokuqhuba izifundo zeBhayibheli! Sithandazela ukuba uJehova ayibusise imizamo yethu yokwenza abafundi abaningi kunalabo esinabo manje. (Mat 28:18-20; 1Ko 3:6-9) Singawasebenzisa kanjani la mathuluzi amasha?

Njengoba le ncwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade!, izifundo zeBhayibheli, inendlela entsha yokufundisa, landela lezi ziqondiso lapho ulungiselela nalapho uqhuba izifundo zeBhayibheli. *

  • Yifundeni bese nixoxa ngemibuzo

  • Fundani imibhalo ebhalwe ukuthi “fundani” bese usiza umfundi aqonde ukuthi angayisebenzisa kanjani

  • Dlala amavidiyo bese nixoxa ngawo, usebenzisa noma yimiphi imibuzo ekuleyo ngxenye

  • Zamani ukusiqeda sonke isifundo

Lapho usensimini, ungaqala ngokumnikeza incwajana umuntu, ukuze ubone ukuthi uyathanda yini ukufunda. (Bheka ibhokisi elithi “ Indlela Yokunikeza Umuntu Incwajana Ethi Phila Kuze Kube Phakade! Lapho Nixoxa Okokuqala.”) Uma seniqedile ukufunda le ncwajana futhi umfundi ethanda ukuqhubeka, mnikeze incwadi bese niqala esifundweni 04. Uma ubuvele ufunda nothile incwadi ethi Lingasifundisani noma incwadi ethi Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu, shintshela encwadini ethi Phila Kuze Kube Phakade! bese ukhetha isihloko enizoqala kuso.

BUKELANI IVIDIYO ETHI UYAMUKELWA ESIFUNDWENI SAKHO SEBHAYIBHELI BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Yini ezofundwa abafundi kule ncwadi entsha?

  • Kungani kufanele sibabukise le vidiyo labo esiqalayo ukufunda nabo?

  • Yimiphi imigomo ongakhuthaza umfundi kancane kancane ukuba azibekele yona futhi ayifinyelele?​—Bheka ishadi elithi “ Imigomo Nalokho Okumelwe Ugxile Kukho Engxenyeni Ngayinye

^ par. 4 PHAWULA: Nakuba ingxenye ethi “Hlola Okwengeziwe” kungaphoqelekile ukuba ifundwe, zinike isikhathi sokuyifunda bese ubukela namavidiyo njengoba ulungiselela. Uzokwazi ukuthi yini umfundi athanda ukuyazi futhi engamsiza. Incwadi esemshinini inamalinki, amavidiyo nokunye.

 IMIGOMO NALOKHO OKUFANELE UGXILE KUKHO ENGXENYENI NGANYE

 

IZIFUNDO

OKUFANELE UGXILE KUKHO

IMIGOMO YOMFUNDI

1

01-12

Cabanga ukuthi iBhayibheli lingakusiza kanjani nokuthi ungamazi kanjani uMbhali walo

Khuthaza umfundi ukuba afunde iBhayibheli, alungiselele lapho ezofunda nokuba eze emihlanganweni

2

13-33

Bona ukuthi yini uNkulunkulu asenzele yona nokuthi ufuna simkhonze kanjani

Khuthaza umfundi ukuba axoxele abanye ngamaqiniso awafundile nokuba abhalisele ukuba ummemezeli

3

34-47

Cabanga ngalokho uNkulunkulu akulindele ezikhonzini zakhe

Khuthaza umfundi ukuba anikezele ukuphila kwakhe kuJehova futhi abhapathizwe

4

48-60

Funda ukuthi yini ongayenza ukuze uNkulunkulu ahlale ekuthanda

Fundisa umfundi ukuba akwazi ukuhlukanisa okulungile nokungalungile nokuba athuthukise ubuhlobo bakhe noJehova