UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Kuze Kube Yilapho Uvuko Lwenzeka Ngempela
Lapho umuntu esimthandayo efa, ithemba lovuko liyasiduduza. Noma kunjalo, isono nokufa kunjengesigubuzelo esisincisha umoya. (Isay 25:7, 8) Yilesi isizathu esenza ‘yonke indalo iqhubeke ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini kanyekanye.’ (Rom 8:22) Singabhekana kanjani nokushonelwa abantu esibathandayo kuze kube yilapho bevuswa? IZwi likaNkulunkulu linezimiso ezingasisiza.
BUKELANI IVIDIYO ETHI LAPHO KUSHONA UMUNTU OMTHANDAYO, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
UDanielle, uMasahiro noYoshimi babhekana nabuphi ubuhlungu?
-
Abasiza kanjani amacebiso amahlanu asikiselwe?
-
Ubani onguMthombo wangempela wenduduzo?—2Ko 1:3, 4