UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Thola Ukuhlakanipha Ongakusebenzisa Nsuku Zonke Ku-JW.ORG
IZwi likaNkulunkulu liyasisiza sibhekane nazo zonke izinselele kulezi zinsuku zokugcina ezinzima. (2Ti 3:1, 16, 17) Noma kunjalo, ngezinye izikhathi singase sidinge usizo ukuze sithole izimiso zeBhayibheli esingazisebenzisa ezimweni ezithile. Ngokwesibonelo, ingabe ungumzali ofuna iseluleko sokukhulisa izingane? Ungosemusha obhekene neziselele ezivivinya ukholo lwakho? Ingabe usosizini ngenxa yokushonelwa umuntu oshade naye? Ku-jw.org uzothola ukwaziswa okunezimiso zeBhayibheli ezizokusiza ngokuqondene nalezi zinkinga nakwezinye izimo.—IzA 2:3-6.
Ekhasini lokuqala le jw.org, chofoza ingxenye ethi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI. (Bheka isithombe 1.) Ohlwini lwezinto ezivelayo, zikhethele ongathanda ukufunda ngakho. Noma chofoza ingxenye ethi IZINCWADI>IZIHLOKO EZIWUCHUNGECHUNGE bese ukhetha isihloko osithandayo. (Bheka isithombe 2.) Ungathola izinto ezifanayo naku-JW Library®. * Ungakujabulela nokuzibhekela nje izihloko kunoma yimaphi alamathuluzi. Enye indlela yokuthola isihloko osifunayo ukusebenzisa ibhokisi elithi funa ku-jw.org.
Bhala lezi izihloko ezilandelayo ebhokisini elithi funa bese uziphawula lezo ongathanda ukuzifunda.
-
Ukukhulisa izingane
-
Ukucindezeleka kwentsha
-
Ukushonelwa umuntu oshade naye
^ Ezinye izihloko eziwuchungechunge neqoqo lezihloko eziphelele okwamanje kuvela kuphela ku-jw.org.