UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Izingxenye Eziwusizo Zencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade!
Encwadini ethi Phila Kuze Kube Phakade! uyawajabulela yini amavidiyo nemibuzo efuna umbono womuntu? Kuthiwani ngezingxenye ezithi “Abanye Abantu Bathi,” “Umgomo” nethi “Hlola Okwengeziwe”? Iziphi ezinye izingxenye ezingaba usizo njengoba uqhuba izifundo zeBhayibheli?—Mat 28:19, 20.
Ozokusebenzisa: Uma ukhetha ukuqhuba isifundo ngencwadi enyathelisiwe, ungakwazi kanjani ukuthola kalula wonke amavidiyo nokunye ozokusebenzisa endaweni eyodwa? Encwadini esemshinini, khetha ingxenye eyodwa kwezine eziyinhloko. Ekupheleni kwezihloko, ungakhetha ingxenye ethi Ozokusebenzisa kuleyo ngxenye. (Bheka isithombe 1.)
Indlela yokuhlela ukusebenzisa “Uhlelo Oluprintiwe”: Uma ufunda nothile usebenzisa incwadi esemshinini wakho, ungakuthola kuwusizo ukuhlela incwadi yakho ibe “Uhlelo Oluprintiwe” noma nini lapho nifunda. Njengoba nikuleso sifundo, chofoza amachashaza amathathu aphezulu ekhasini bese ukhetha ingxenye ethi “Uhlelo Oluprintiwe.” Le ndlela emi ngayo izokusiza ukuba ulokhu ucabanga ukuthi lokho enixoxa ngakho kuhlobana kanjani naso sonke isifundo. Ukuze ubuyele ohlelweni olusemshinini, phinde uchofoze amachashaza amathathu bese ukhetha ingxenye ethi “Uhlelo Olusemshinini.”
“Ingabe Ngikulungele?”: Amabhokisi angasekugcineni kwencwadi achaza izinto ezidingekayo ukuze ukufanelekele ukushumayela nebandla nokubhapathizwa. (Bheka isithombe 2.)
IMibhalo Esekugcineni: IMibhalo Esekugcineni inezincazelo mayelana nezihloko ezithile ezibalulekile. Incwadi esemshinini inama-link ekupheleni kweMibhalo Esekugcineni, ekubuyisela emuva esifundweni ogcine kuso. (Bheka isithombe 2.)
Qiniseka ukuthi niyifunda nize niyiqede incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! nezifundo ezithuthukayo, ngisho noma zibhapathizwa ngaphambi kokuba niyiqede. Ungaqhubeka usibala isikhathi, izimpindelo, ngisho nesifundo ngemva kokuba umfundi esebhapathiziwe. Uma uhamba nomunye ummemezeli futhi ehlanganyela esifundweni, naye angasibala isikhathi