Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

Khetha Umuntu Ozoshada Naye Ngokuhlakanipha

Khetha Umuntu Ozoshada Naye Ngokuhlakanipha

Ngobuwula uSolomoni washada nabesifazane ababekhonza onkulunkulu bamanga (1Kh 11:1, 2; w18.07 18 ¶7)

Abafazi bakaSolomoni bayichezukisa kancane kancane inhliziyo yakhe ekukhonzeni uJehova (1Kh 11:3-6; w19.01 15-16 ¶6)

UJehova wamthukuthelela kakhulu uSolomoni (1Kh 11:9, 10; w18.07 19 ¶9)

IZwi likaNkulunkulu leluleka amaKristu angashadile ukuba ashade “kuphela eNkosini.” (1Ko 7:39) Nokho, ukuthi umuntu ubhapathiziwe akumenzi abe umngane okahle womshado. Ingabe lo muntu uzokusiza uqhubeke ukhonza uJehova ngomphefumulo wonke? Ingabe ubelokhu ebonisa uthando olujulile ngoJehova kuze kube manje? Ngaphambi kokuba uvume ukushada, zinike isikhathi sokumazi kangcono lowo ongase ushade naye.