Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Qiniseka Ukuthi Ungabhekana Nezinkinga Zomnotho

Qiniseka Ukuthi Ungabhekana Nezinkinga Zomnotho

Ukuphila kulezi zinsuku zokugcina kugcwele izinkathazo. Njengoba sisondela ekupheleni kwalesi simiso sezinto, kuzoba nzima nakakhulu. Kungenzeka siswele izinto eziyisisekelo zokuphila. (Hab 3:16-18) Yini engasisiza sibhekane ngokuqiniseka nezinkinga zezomnotho? Kumele siqhubeke sithembela kuNkulunkulu wethu uJehova. Uthembise ukuthi uzozinakekela izinceku zakhe futhi angakwazi ukusisiza kunoma yiziphi izimo.​—Hu 37:18, 19; Heb 13:5, 6.

Lokho ongakwenza:

  • Ncenga uJehova ukuba akuqondise, akuphe ukuhlakanipha futhi akusekele.​—Hu 62:8

  • Kulungele ukwenza umsebenzi ongakaze uwenze.​—g 1/10 8-9, amabhokisi

  • Qhubeka nesimiso esihle sezinto ezingokomoya, okuhlanganisa ukufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke, ukuya emihlanganweni yebandla nokuhlanganyela enkonzweni

BUKELANI IVIDIYO ETHI YAKHA INDLU EYOKUMA PHAKADE​—‘YANELISWANI IZINTO EZIKHONA’ BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Yiziphi izinselele eminye imindeni eyabhekana nazo?

  • Yini ebaluleke kakhulu ekuphileni?

  • Singabasiza kanjani labo ababhekene nobunzima bezomnotho?