Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

UJehova Uyabasiza Labo Abadangele

UJehova Uyabasiza Labo Abadangele

Wonke umuntu uzizwa edangele ngesinye isikhathi. Ukuzizwa udangele akusho ukuthi untekenteke ngokomoya. Ngaphezu kwalokho, ngisho noJehova wathi uzizwa edangele ngezinye izikhathi. (Gen 6:5, 6) Kuthiwani uma uzizwa udangele kakhulu izikhathi eziningi noma ngaso sonke isikhathi?

Thandaza kuJehova umcele akusize. UJehova uyathanda ukuzwa ukuthi sizizwa kanjani. Uyabona lapho sijabule nalapho sidangele. Uyaqonda ukuthi kungani sicabanga futhi sizizwa ngendlela ethile. (Hu 7:9b) Okubaluleke nakakhulu uJehova uyasikhathalela futhi angasisiza silwe nemizwa yokudangala noma yokucindezeleka.—Hu 34:18.

Vikela ingqondo yakho. Imizwa engafanele ingaphazamisa injabulo yethu nokukhonza kwethu uNkulunkulu. Ngenxa yalokho, senza kahle uma sivikela izinhliziyo zethu—okuyimicabango yethu.—IzA 4:23.

BUKELANI IVIDIYO ETHI INDLELA ABAFOWETHU ABANOKUTHULA NGAYO NAPHEZU KOKUCINDEZELEKA BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Yiziphi izinto ezingokoqobo uNikki azenza ukuze zimsize abhekane nokucindezeleka?

  • Kungani uNikki acabanga ukuthi udinga usizo lukadokotela?—Mat 9:12

  • Wancika ngaziphi izindlela uNikki kuJehova ukuze amsize?