Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Okthoba 7-13

IHUBO 92-95

Okthoba 7-13

Ingoma 84 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. Ukukhonza UJehova Kuyindlela Enhle Kakhulu Yokuphila!

(10 imiz.)

UJehova uyakufanelekela ukuba simkhonze (Hu 92:​1, 4; w18.04 26 ¶5)

Unikeza abantu bakhe ukuqonda okungenakuqhathaniswa (Hu 92:5; w18.11 20 ¶8)

Uyabazisa labo abamkhonza ngisho sebekhulile (Hu 92:​12-15; w20.01 19 ¶18)

ZIBUZE, ‘Yini engivimbela ukuba ngizinikezele kuJehova futhi ngibhapathizwe?’

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 92:5—La mazwi akuchaza kanjani ukuhlakanipha kukaJehova? (cl 176 ¶18)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(4 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Yakha ithuba lokuxoxela umuntu ngomsebenzi owenzayo wokufundisa ngeBhayibheli. (lmd isifundo 5 iphuzu 3)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(3 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Cela ukuqhubela umuntu isifundo seBhayibheli oke wasenqaba ngaphambili. (lmd isifundo 8 iphuzu 4)

6. Ukwenza Abafundi

(5 imiz.) Xoxa nomuntu omfundela iBhayibheli ongathuthuki. (lmd isifundo 12 iphuzu 5)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 5

7. Lapho Izingane Zikhathazeke Ngokweqile

(15 imiz.) Ingxoxo.

Abantu abakhonza uJehova bayakhathazeka. Ngokwesibonelo, uDavide wakhathazeka kaningi ekuphileni kwakhe, ngendlela efanayo abafowethu abaningi namuhla nabo bayakhathazeka. (Hu 13:2; 139:23) Ngokudabukisayo, ngisho nezingane ziyakhathazeka. Ngezinye izikhathi ukukhathazeka kungase kwenze izinto esivame ukuzenza zibonakale ziwumthwalo osindayo, njengokuya esikoleni noma esifundweni. Kungaze kwenze umuntu ashaywe uvalo ngenxa yokukhathazeka ngokweqile noma afikelwe imicabango yokuzibulala.

Zingane, uma nizizwa nikhathazeke ngokweqile, khulumani nomzali noma nomuntu omdala ovuthiwe. Qinisekani nokuthi nikhuluma noJehova ukuze anisekele. (Flp 4:6) Uzonisiza. (Hu 94:​17-19; Isay 41:10) Cabangani ngesibonelo sikaSteing.

Dlala IVIDIYO ethi UJehova Uyangikhathalela. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

• Yiliphi ivesi leBhayibheli elasiza uSteing, futhi kungani?

• UJehova wabonisa kanjani ukuthi uyamkhathalela?

Bazali, ningazisiza izingane zenu zibhekane nokukhathazeka ngokuthi nibe nesineke sokuzilalela, nizitshele ukuthi niyazithanda futhi nizisize ziqiniseke ukuthi uJehova uyazithanda. (Tit 2:4; Jak 1:19) Thembelani kuJehova ukuba aniduduze futhi aniphe amandla eniwadingayo ukuze nisekele izingane zenu.

Singase singazi lapho kunothile ebandleni onenkinga yokukhathazeka ngokweqile noma singase singayiqondi indlela azizwa ngayo. Noma kunjalo, singasiza ngokuba senze bonke ebandleni bazizwe bethandwa futhi besekhaya.—IzA 12:25; Heb 10:24.

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 81 Nomthandazo