Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Septhemba 16-22

IHUBO 85-87

Septhemba 16-22

Ingoma 41 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. Umthandazo Usisiza Ukuba Sikhuthazele

(10 imiz.)

Cela uJehova akuphe injabulo (Hu 86:4)

Cela uJehova akusize uhlale uthembekile (Hu 86:​11, 12; w12 5/15 25 ¶10)

Methembe uJehova ukuthi uzoyiphendula imithandazo yakho (Hu 86:​6, 7; w23.05 13 ¶17-18)


ZIBUZE, ‘Lapho nginezinkinga, ingabe ngithandaza njalo futhi imithandazo yami ijule?’—Hu 86:3.

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 86:11—Umthandazo kaDavide usitshelani ngenhliziyo yomuntu? (it-1-E 1058 ¶5)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Cela ukuqhubela umuntu isifundo seBhayibheli. (lmd isifundo 3 iphuzu 5)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(4 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Cela ukuqhubela umuntu isifundo seBhayibheli okwathi lapho nixoxa ngokudlule, wathi ukhathazekile ngenxa yesenzakalo esithile esisematheni. (lmd isifundo 7 iphuzu 4)

6. Ukwenza Abafundi

(5 imiz.) lff isifundo 15 iphuzu 5. Yenza izinhlelo zokuba umuntu omfundelayo aqhubeke efunda ngeviki elizayo ngenkathi ungekho. (lmd isifundo 10 iphuzu 4)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 83

7. Ungayeki

(5 imiz.) Ingxoxo.

Dlala IVIDIYO. Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo:

  • Kungani ngezinye izikhathi singase sifune ukuyeka ukushumayela ensimini?

  • Kungani kungafanele siyeke?

8. Qhubeka Ucela Ukuqhubela Abantu Izifundo ZeBhayibheli!

(10 imiz.) Ingxoxo.

Kulo mkhankaso okhethekile wale nyanga, usukwazile yini ukuqala isifundo seBhayibheli ngencwajana ethi Phila Kuze Kube Phakade!? Uma kunjalo, kumele ukuba ujabule ngempela! Cishe imiphumela oyitholile iyabakhuthaza nabanye. Ngakolunye uhlangothi, uma ungakasiqali isifundo seBhayibheli, kungenzeka uyazibuza ukuthi imizamo yakho ayipheleli yini emoyeni. Yini ongayenza uma imizamo yakho ikudikibalisa?

Dlala IVIDIYO ethi “Sibonisa Ukuthi Siyizikhonzi ZikaNkulunkulu . . . Ngokubekezela”—Lapho Sishumayela. Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo:

  • Eyesi-2 Korinte 6:​4, 6 ingasisiza kanjani uma sibona sengathi “siyenza nje” enkonzweni yethu?

  • Yiluphi ushintsho ongalwenza uma unomuzwa wokuthi imizamo yakho yokuqala isifundo seBhayibheli ayiphumeleli?

Khumbula, injabulo yethu ayincikile ekutheni zingaki izifundo zeBhayibheli esiziqalayo noma esiziqhubayo. Kunalokho, injabulo ibangelwa ukwazi ukuthi uJehova uyayijabulela imizamo yethu. (Luk 10:​17-20) Ngakho, qhubeka uhlanganyela ngenhliziyo yonke kulo mkhankaso okhethekile, wazi ukuthi “umshikashika [wakho] awulona ize eNkosini”!—1Ko 15:58.

9. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 39 Nomthandazo