Septhemba 2-8
IHUBO 79-81
Ingoma 29 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)
1. Bonisa Ukuthi Uyalithanda Igama LikaJehova Elikhazimulayo
(10 imiz.)
Yeka imikhuba ehlazisa uJehova (Hu 79:9; w17.02 9 ¶5)
Biza igama likaJehova (Hu 80:18; ijwbv 3 ¶4-5)
UJehova ubavuza ngokucebile abantu abalalelayo babonise ukuthi bayalithanda igama lakhe (Hu 81:13, 16)
2. Amagugu Angokomoya
(10 imiz.)
-
Hu 80:1—Kungani ngezinye izikhathi igama likaJosefa kwakubizwa ngalo zonke izizwe zakwa-Israyeli? (it-2-E 111)
-
Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?
3. Ukufundwa KweBhayibheli
(4 imiz.) Hu 79:1–80:7 (th isifundo 10)
4. Ukuqala Ingxoxo
(1 umz.) ENDLINI NGENDLU. Cela ukuqhubela umuntu isifundo seBhayibheli. (lmd isifundo 4 iphuzu 4)
5. Ukuqala Ingxoxo
(3 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Cela ukuqhubela umuntu isifundo seBhayibheli. (lmd isifundo 4 iphuzu 3)
6. Ukuqala Ingxoxo
(2 imiz.) UKUSHUMAYELA EZINDAWENI ZOMPHAKATHI. Cela ukuqhubela umuntu isifundo seBhayibheli. (lmd isifundo 3 iphuzu 3)
7. Ukubuyela Koxoxe Naye
(5 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Cela ukuqhubela umuntu isifundo seBhayibheli oke wasenqaba ngaphambili. (lmd isifundo 8 iphuzu 3)
Ingoma 10
8. “Bayongcwelisa Igama Lami”
(15 imiz.) Ingxoxo.
USathane waqala ukunyundela igama likaJehova ensimini yase-Edene. Kusukela ngaleso sikhathi, ukulwelwa kwegama likaJehova bekulokhu kuyinto ebaluleke kakhulu kuzo zonke izidalwa ezihlakaniphile.
Cabanga nje ngamanga aluhlaza cwe uSathane aye wawasakaza ngoJehova. Umbeka icala lokuthi ungumbusi onesihluku nongenalo uthando. (Gen 3:1-6; Job 4:18, 19) Uthi izikhonzi zikaJehova azimthandi ngempela. (Job 2:4, 5) Uze ngisho wabangela nezigidi zabantu ukuba zikholelwe ukuthi lo mhlaba omuhle esihlala kuwo awudalwanga uJehova.—Rom 1:20, 21.
Lawo manga akwenza uzizwe kanjani? Cishe akwenza ufune ukuthatha isinyathelo ulwele igama likaJehova! UJehova wayazi ukuthi abantu bakhe babeyofuna ukusiza bangcwelise igama lakhe. (Qhathanisa no-Isaya 29:23.) Ungasiza kanjani?
-
Siza abanye bazi uJehova futhi bamthande. (Joh 17:25, 26) Kulungele ukunikeza ubufakazi bokuthi ukhona, ukulungele nokufundisa abanye ngezimfanelo zakhe ezinhle.—Isay 63:7
-
Thanda uJehova ngayo yonke inhliziyo yakho. (Mat 22:37, 38) Lalela imiyalo kaJehova hhayi ngoba nje izokusiza kuphela kodwa ngoba ufuna ukwenza uJehova ajabule.—IzA 27:11
Dlala IVIDIYO ethi Uthando Alusoze Lwaphela Nanini Naphezu. . . Kokuba Nabantu Abangamhloniphi UNkulunkulu Esikoleni. Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo:
-
U-Ariel noDiego balivikela kanjani igama likaJehova?
-
Yini eyabenza bamelela uJehova?
-
Ungasilingisa kanjani isibonelo sabo?
9. ISifundo SeBhayibheli Sebandla
(30 imiz.) bt isahl. 15 ¶1-7 nesethulo sengxenye 6