Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Septhemba 23-29

IHUBO 88-89

Septhemba 23-29

Ingoma 22 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. Ukubusa KukaJehova Kuhle Kunakho Konke

(10 imiz.)

Ukubusa kukaJehova kukhuthaza abantu ukuba babe nobulungisa beqiniso (Hu 89:14; w17.06 28 ¶5)

Kusiza abantu bathole injabulo yangempela (Hu 89:​15, 16; w17.06 29 ¶10-11)

Kuyohlala kuze kube phakade (Hu 89:​34-37; w14 10/15 10 ¶14)

Ukuzindla ngendlela kaJehova ephakeme yokubusa kungasisiza singathathi hlangothi lapho sizwa inkulumo-ze yezepolitiki

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Hu 89:37—Uyini umehluko phakathi kokwethembeka nobuqotho? (cl 281 ¶4-5)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) UKUSHUMAYELA EZINDAWENI ZOMPHAKATHI. Cela ukuqhubela umuntu isifundo seBhayibheli osenkolweni engeyona eyobuKristu. (lmd isifundo 5 iphuzu 5)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(4 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Cela ukubonisa umninikhaya ukuthi siqhutshwa kanjani isifundo seBhayibheli. (th isifundo 9)

6. Chaza Izinkolelo Zakho

(5 imiz.) Inkulumo. ijwbq 181—Isihloko: Likhuluma Ngani IBhayibheli? (th isifundo 2)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 94

7. Imithetho KaJehova Izuzisa Kunayo Yonke

(10 imiz.) Ingxoxo.

Abantu abaningi babheka imithetho yeBhayibheli ephathelene nocansi nomshado njengengenangqondo nephelelwe yisikhathi. Usuziqinisekisile yini wena ukuthi ukulandela imithetho kaJehova kuzuzisa ngaso sonke isikhathi?—Isay 48:​17, 18; Rom 12:2.

IBhayibheli lifundisa ukuthi abantu abangayinaki imithetho kaNkulunkulu yokuziphatha “ngeke balizuze ifa loMbuso kaNkulunkulu.” (1Ko 6:​9, 10) Kodwa yileso kuphela yini isizathu sokulalela imithetho kaNkulunkulu?

Dlala IVIDIYO ethi Izizathu Zokholo—Ukuphila Ngemithetho KaNkulunkulu Kunokuphila Ngeyami. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

  • Isivikela kanjani imithetho kaNkulunkulu yokuziphatha?

8. Izidingo Zebandla

(5 imiz.)

9. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 133 Nomthandazo