Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kwa-Israel: Bashumayela ngoMbuso kaNkulunkulu besebenzisa i-tablet

UKUSHUMAYELA NOKUFUNDISA EMHLABENI WONKE

E-Asia NaseMpumalanga Ephakathi

E-Asia NaseMpumalanga Ephakathi
  • INANI LAMAZWE 49

  • INANI LABANTU 4 409 131 383

  • INANI LABAMEMEZELI 718 716

  • INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 766 364

Amahora Ayikhulu Ngonyaka Wekhulu

Kwelinye izwe lase-Asia, umdlali wamabhayisikobho ongumkhangisi wengqephu odumile wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Ngokushesha waqala ukukusebenzisa lokho ayekufunda, walahla izincwadi zemimoya nezithixo zamaBuddha.

Omunye wabangane bakhe abakhulu wamncenga, wathi: “Kungani ungayeki ukufunda iminyaka emithathu nje kuphela, ugxile emsebenzi wakho? Ngemva kwalokho, usungaqala ufundelwe futhi.”

Lo wesifazane waphendula: “Ngilinde iminyaka engu-24 ukuba ngifunde ngoJehova. Kungani kumelwe ngilinde eminye iminyaka emithathu?”

Ngesonto ayezobhalisa ngalo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, inkampane yamabhayisikobho yaxhumana naye. Yamthembisa inkontilaki yeminyaka emine eyayizomkhokhela imali enkulu, uma nje evuma ukudlala noma iyiphi indima anikezwa yona. Wenqaba. Ngo-May 2014 waba ummemezeli ongabhapathiziwe, futhi njengoba kwase kuzoba u-August, wanquma ukuthi uzoshumayela amahora ayikhulu ngaleyo nyanga. Lapho ebuzwa isizathu salokho, wathi, “Ngifuna ukugubha iminyaka eyikhulu yokubusa kukaJesu ngokushumayela amahora ayikhulu kule nyanga ngoba naye usebuse iminyaka eyikhulu!” Wawufinyelela umgomo wakhe. Ngo-January 2015, wabhapathizwa, manje uyiphayona elisizayo.

Babusebenzisa Ngokunenzuzo Ubusuku Ababuchitha Ejele

ESri Lanka, odade abane bahamba ngebhasi beyoshumayela ensimini engabelwe eyayigcwele amaBuddha. Ngosuku lwesibili beshumayela, basongelwa yindela nomshayeli wetekisi. Kungakabiphi, bakakwa isixuku sabantu abangu-30 esasithukuthele sigane unwabu. Kwafika amaphoyisa, athatha lab’ odade abayisa esiteshini samaphoyisa, ayesebavalela ezitokisini zasejele balala khona, ngisho noma bengenzanga cala. Bavalelwa nezinkunzimalanga zezigebengu, bathukwa, kodwa ukuba sejele kwabavulela amathuba okufakaza. Omunye walab’ odade wathi: “Ngavalelwa nababulali kodwa ngakwazi ukubatshela iqiniso. Bamangazwa ukuthi ngiboshiwe futhi babenemibuzo eminingi mayelana nezinkolelo zami. Omunye umuntu waze wabuza, ‘Kungani ujabule kangaka?’”

ESri Lanka: Odade abane bahamba ngebhasi beyoshumayela ensimini engabelwe

INkantolo Ephakeme YaseSri Lanka isivumile isicelo sethu sokuvulela amaphoyisa icala lokusibopha sibe singenzanga lutho. Leli cala alikaqulwa.

Owesifazane Ogulayo Uthola Usizo

UMichiko, udade oyiphayona eJapane, wayeqhubela owesifazane osekhulile isifundo ngolimi lwezandla esibhedlela. Lo dade wabuza izisebenzi zasesibhedlela ukuthi zikhona yini ezinye iziguli angakhuluma nazo. UMichiko wabe esethola uKazumi, owayezwa kodwa engakwazi ukukhuluma. UKazumi wayegula ekhubazekile ngenxa yengozi yemoto eyamehlela eneminyaka engu-23, wayengakwazi ukugwinya ukudla noma ukuphuza amanzi. Wayenemibuzo eminingi futhi wavuma ukufundelwa iBhayibheli.

EJapane, uKazumi ubhala incwadi esembhedeni wakhe esibhedlela

UMichiko wayebuza imibuzo, uKazumi akhombe izimpendulo ezigabeni noma azibhale phansi. Lapho uKazumi ethola umakhalekhukhwini, uMichiko wakwazi ukufunda naye umBhalo wosuku njalo ekuseni. Nakuba uKazumi ayeqhubeka egula, waqhubeka ekhula ngokomoya waze wathi ufisa ukuba uFakazi KaJehova. Lapho uKazumi eseneminyaka engu-61, esefundelwe iminyaka engu-13, waba ummemezeli ongabhapathiziwe.

Ngenxa yokuthi uKazumi akakwazi ukuvuka embhedeni, ibandla lamhlelela ukuba alalele yonke imihlangano yebandla nemikhulu. Odade abahlukahlukene ebandleni bafunda izimpendulo zakhe esifundweni.

UKazumi ubhala izincwadi ezimnandi nezakhayo ebhalela umuntu ngamunye ofundelwayo oza esifundweni. Ushumayeza izisebenzi zasesibhedlela nabantu abamvakashelayo. Uye athi kubo, “Uma nifunda iBhayibheli, nizojabula.”

Indela Lithola Iqiniso

Ezweni eliseNingizimu-mpumalanga ye-Asia, udade waya kudokotela wamehlo esibhedlela, lapho ahlangana khona nendela. Wayibuza, “Ungathanda ukuphila ungabe usagula, uphile phakade endaweni enhle?” Kwalandela ingxoxo emnandi, wayinikeza incwajana ethi Listen to God. Indela yamnika inombolo yayo yocingo, yena wayidlulisela kumzalwane ahlanganyela naye. Ngokushesha ngemva kwalokho, lo mzalwane washayela indela ucingo wayimemela enkulumweni ekhethekile. Yawujabulela kakhulu umhlangano, ikakhulukazi izingoma zoMbuso, futhi kwayihlaba umxhwele kakhulu ukuthi bonke abantu bayamukela ngezandla ezifudumele kangaka.

Lapho indela ibuza ukuthi oFakazi banawo yini amayunivesithi noma izikole zokufundela ubufundisi, umzalwane wayichazela ukuthi siqhubela abantu izifundo zeBhayibheli, wayesecela ukufunda nayo. Ngesonto elilandelayo indela yayisiqedile ukufunda isahluko 1 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Yaqhubeka ifundelwa, yaqala ukuya emihlanganweni futhi yaphendula eSifundweni Se-Nqabayokulinda.

Lapho indela isemhlanganweni wesigodi, ummeleli wegatsha wayimema ukuba iyovakashela eBethel. Ngesonto elilandelayo yahamba amahora ayishumi iya eBethel, yafike yamukelwa ngemfudumalo. Ekupheleni kuka-February 2015, yashiya isigodlo sezindela yaqhubeka nokufunda iBhayibheli nokuhlanganyela emihlanganweni yobuKristu.

Walahleka Wabuye Watholakala

Amaphayona asanda kuthunyelwa enyakatho-mpumalanga ye-India, lapho izindaba ezinhle sekuneminyaka eminingi zingashunyayelwa khona. Athola abantu abaningi abanesithakazelo futhi afuna indawo efanelekayo ayezoqhubela kuyo imihlangano. Ngesikhathi eyoqhuba isifundo seBhayibheli, abona isakhiwo esasakhiwa, ayesecabanga ukubuza ngaso. Njengoba ehamba ehla nomgwaqo, anquma ukuphindela emuva. Ngemva kwalesi sakhiwo athola umama othile, ayesemtshela ukuthi angoFakazi BakaJehova. Wajabula. Wathi: “Nami ngingomunye woFakazi BakaJehova,” wayesebangenisa endlini. Wababonisa iqoqo lezincwadi ezaphuma ngawo-1970 nangawo-1980. Wayefundelwe amaphayona eminyakeni engu-30 ngaphambili futhi wayeke waba khona kweminye imihlangano naphezu kokuphikiswa umyeni wakhe. Wayeqiniseka ukuthi wayelitholile iqiniso, kodwa kamuva akabange esakwazi ukuxhumana nenhlangano ngesikhathi amaphayona ehamba kuleyo ndawo. Zonke izingane zakhe zasonta kwamanye amasonto, kodwa yena wenqaba ukusonta.

E-India: Umama onesithakazelo uveza izincwadi zakhe ezaphuma ngawo-1970 nangawo-1980

Izingane zalo mama zisanda kumcindezela ukuba abhalise eSontweni LamaKatolika ukuze angcwatshwe amaKatolika lapho eshona. Udadewabo waze wathi uzomyisa esontweni lamaKatolika ayobhalisa, kodwa lapho besendleleni, babanjezelwa izimoto eziningi ezazijame endleleni, kwadingeka babuyele emuva. Udadewabo wathi bazoya ngakusasa, kodwa wagula. Kwakuyilolo suku ntambama lapho amaphayona athola khona lo mama onesithakazelo! Manje useyafundelwa futhi, uya esifundweni, ukhuthaza nezingane zakhe nabazukulu ukuba nabo bafunde iBhayibheli.