Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Eminyakeni Eyikhulu Edlule Ngo—1915

Eminyakeni Eyikhulu Edlule Ngo—1915

INqabayokulinda ka-March 1, 1915 yathi: “Yisikhathi sokuvivinywa lesi. Ingabe esikhathini esidlule besikhuthele ngoba sinethemba lokuguqulwa okukhazimulayo ngo A.D. 1914, noma besikhuthele ngenxa yothando lwethu nobuqotho bethu ENKOSINI, eSigijimini Sayo nakubazalwane!” Ngo-1915 abanye abaFundi BeBhayibheli babelwa nemizwa yokudumazeka. Amazwe amaningi emhlabeni wona ayelwa izimpi zolunye uhlobo.

IMpi Enkulu, kamuva eyaziwa ngokuthi iMpi Yezwe I yayigubuzele iYurophu. Ukulwa ngemishini kwakushintsha indlela izimpi ezazilwiwa ngayo, kwathinteka izakhamuzi ngezinga elikhulu kakhulu. Ngokwesibonelo, ngo-1915 imikhumbingwenya yaseJalimane yaqala ukuhamba olwandle oluseduze kweGreat Britain. Ngo-May 7, 1915 omunye wale mikhumbingwenya wacwilisa umkhumbi waseBrithani owawuthwele abantu i-Lusitania. Kwafa abantu abangaphezu kuka-1 100.

Indaba Yokungathathi-hlangothi

AbaFundi BeBhayibheli babengafuni ukuba nengxenye kule mpi. Kepha ngaleso sikhathi babengakuqondi kahle ukuma kobuKristu kokungathathi-hlangothi ngokuphelele. Nakuba bengazange bazisukele babhalisele ukuya empini, abanye babo bavuma lapho bebuthelwa ukuya empini futhi bazama ukuthola imisebenzi engahileli ukulwa. Abanye bacabanga ukuthi uma bephoqwa ukuba bayokulwa, bayomane “badubule ngaphezu kwekhanda lesitha.”

INqabayokulinda ka-July 15, 1915 yashicilela indaba yesosha laseHungary elabhapathizwa ngesikhathi lisalulama ekulimaleni, kamuva labuyela khona empini. Le ndaba ibe isithi: “[Amasosha aseHungary] ama aqhelelana ngamamitha angu-240 nawaseRussia, anikwa umyalo othi ‘Khokhani izibhamu!’ Lo mzalwane waseHungary wayesekugcineni komugqa. Ayekufuna nje yena ukuba azivikele esitheni, ngakho wazama ukuchiliza isikhali esasiphethwe yisosha laseRussia elaliphambi kwakhe. Waphawula ukuthi naleli sosha laseRussia lizama ukwenza okufanayo . . . ElaseRussia lavele lasiqathaza phansi isikhali salo; lalikhala. Umfowethu wabe eselibhekisisa leli sosha elalibonakala liyisitha sakhe—wabona isipeletu ‘seSiphambano Nomqhele’ ejazini laso! Leli sosha laseRussia nalo lalingumfowethu eNkosini!” *

Isihloko esithi “Umsebenzi WomKristu Nempi” esakhishwa kuyi-Nqabayokulinda yesiNgisi ka-September 1, 1915, sakhuluma ngendaba yokungathathi-hlangothi kobuKristu. Sathi: “Ukuba sempini futhi ugqoke iyunifomu yezempi kusho ukuthi uyayiqaphela futhi uyayamukela imisebenzi nezibopho zokuba isosha. . . . Ingabe kuyafaneleka ngomKristu ukwenza kanjalo?” Ngokuhamba kwesikhathi kwacaca ukuthi amaKristu akufanele neze abe nengxenye empini.

Ushintsho Endlunkulu

Ngo-1915, amalungu omkhaya waseBethel yaseNew York angu-70 atshelwa ukuthi ngenxa yokuntuleka kwezimali, kwakudingeka ahambe eBethel ayoqhubeka nenkonzo ensimini. Atshelwa: “Akumelwe sizifake ezikweletini noma sifake umsebenzi engozini; yingakho kwenziwe isinqumo sokuba kuncishiswe izindleko.”

UClayton J. Woodworth nabanye abazalwane ababili basayina incwadi evela “Kwabangu-70 Abahambayo.” Le ncwadi yashicilelwa kuyi-Nqabayokulinda yesiNgisi ka-May 1, 1915. Ababehamba bathi babehamba “benomuzwa wentokozo nokubonga ngezibusiso namalungelo amaningi” ababewatholile “bengamalungu ‘oMkhaya WaseBethel.’”

Lokho kushintshwa kwesabelo, nakuba kwakunzima, kwanika labo bafowethu ithuba lokubonisa ukuthi baqotho kubani ngempela. Ingabe babeyohlala bethembekile kuNkulunkulu noma babeyocasuka? UMfoweth’ uWoodworth waqhubeka eshumayela, kamuva wabuyela eBethel, kwathi ngo-1919 waba umhleli wokuqala we-Golden Age, umagazini owaziwa ngokuthi i-Phaphama! namuhla. Waba umhleli wayo kwaze kwaba ngu-1946.

Amathuba Enkonzo

Phakathi nalowo nyaka owawunzima, INqabayokulinda yakhuthaza abafowethu ukuba baqhubeke beshumayela. Abantu ababebonise isithakazelo ngaphambili banakwa ngokukhethekile. “Sinohlu lwabantu bakuzo zonke izindawo kuleli zwe abacele izincwadi,” kusho INqabayokulinda ka-December 15, 1915. “Sisikisela ukuba kuyiwe kulaba bantu . . . ngombono wokuthola ukuthi baphazamisekile yini.” Umgomo kwakuwukuvuselela isithakazelo sabo—bashisekele uNkulunkulu Neqiniso.

Njengoba kunjalo manje, kwakubalulekile ukuba amaKristu ahlale egxile ezithakazelweni zoMbuso. INqabayokulinda ka-February 15, 1915 yathi: “Thina esesiphapheme kufanele sikhuthale kakhulu futhi sibe nomdlandla enkonzweni kaNkulunkulu.” Izinceku zikaNkulunkulu kwakudingeka zihlale ziqaphile. Le Nqabayokulinda yaqhubeka: “Kumelwe siqaphe. Yini okufanele siyiqaphe? Ngokuyinhloko kufanele siziqaphe thina, sigweme izingibe zamanje.”

Isihloko sonyaka ka-1916 sakhuthaza abafowethu ukuba bahlale “beqinile okholweni,” njengoba kusho eyabaseRoma 4:20 eBhayibhelini lesiZulu elivamile. Lo mBhalo wawuzokhuthaza abathembekile ngonyaka owalandela, unyaka owafika nezawo izilingo.

^ isig. 6 Kwaphela iminyaka abaFundi BeBhayibheli begqoka isipeletu sesiphambano nomqhele njengophawu lwabo. Lolu phawu lwaba sesembozweni se-Nqabayokulinda iminyaka eminingi. Ekuqaleni kwawo-1930, oFakazi BakaJehova base beyekile ukusebenzisa uphawu lwesiphambano nomqhele.