IDOMINICAN REPUBLIC
Bayabathanda Abafowabo
Isikole Esisha Sihlangabezana Nesidingo
UJehova wawubusisa umsebenzi wokuzikhandla wezinceku zakhe eDominican Republic. Ngo-1994 kwakunesilinganiso sabamemezeli boMbuso abangu-16 354 emabandleni angu-259. Ngenxa yalokho kwanda okuvusa amadlingozi, kwaba nesidingo esandayo sabadala nezinceku ezikhonzayo abanekhono. Ngalowo nyaka, iNdikimba Ebusayo yavuma ukuba kuqhutshwe iSikole Sokuqeqeshela Inkonzo kuleli zwe, manje esesithathelwe
indawo iSikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso.Ngo-October 2011, abafundi abangaba ngu-600 base bephothule emakilasini angu-25. Sikhuluma nje abafundi abangaphezu kwesigamu bakhonza emkhakheni othile wenkonzo yesikhathi esigcwele, abangu-71 bangamaphayona akhethekile, abahlanu bayajikeleza. Amakilasi okuqala ayishumi aqhutshelwa egatsheni, kodwa kusukela kwelika-11, lesi sikole sesiqhutshelwa esakhiweni saso esiseVilla González.
“OFakazi BakaJehova Bayabanakekela Abafowabo”
Ngo-September 22, 1998, iSiphepho uGeorges savithiza leli zwe ngemimoya eyayishwiza amakhilomitha angu-190 ngehora, sadala omkhulu umonakalo. Izinkulungwane zasala dengwane, kwafa abangaphezu kuka-300. IKomiti Yokunikeza Usizo yamisa isikhungo sokunikeza usizo eHholo LoMbuso eLa Romana ngosizo
lweKomiti Yokwakha Yesifunda. Zibalelwa ku-300 izisebenzi zokuzithandela ezafaka isandla emsebenzini wokunikeza usizo, kuhlanganise noFakazi abavela emazweni angu-16.Angu-23 amaHholo OMbuso nezindlu zabafowethu ezingaphezu kuka-800 okwadingeka kulungiswe noma kwakhiwe kabusha. Ngokwesibonelo, uCarmen, ugogo oyiphayona elivamile, waphuka umoya lapho isiphepho sibhidliza indlu yakhe ayesehlale kuyo iminyaka engu-38. Kodwa-ke wehluleka ukubamba injabulo lapho kufika iqembu labafowethu abangu-15 lizokwakha isisekelo sendlu yakhe entsha. Wathi: “UJehova akasikhohlwa nanini futhi uyasinakekela. Awubheke le ndlu enhle abafowethu abangakhela yona. Omakhelwane bami bathi: ‘OFakazi BakaJehova bayabanakekela abafowabo; bayathandana ngempela.’” Kwezwakala amazwi afuze lawa kulo lonke izwe njengoba izisebenzi ezinikeza usizo zazisiza abafowabo nodadewabo abahlukumezekile.
Nakuba iSiphepho uGeorges sasiyinhlekelele enkulu kakhulu, imizamo yothando yabantu bakaJehova yabanikeza induduzo engokwenyama nengokomoya abafowethu ababehlelwe yilowo mshophi. Okubaluleke nakakhulu, imizamo yokuzidela yezisebenzi zokuzithandela yayisa udumo kuJehova, umthombo wenduduzo yangempela.
Ukwakhiwa KwamaHholo OMbuso Kuyashesha
Njengoba abafundi abasha babengena ngesikhulu isivinini, kwaba nesidingo esandayo samaHholo OMbuso engeziwe. Ngenxa yalokho, ngo-November 2000 abazalwane baseDominican Republic baqala ukwakha amaHholo OMbuso ngosizo olwatholakala ngesimiso sokwakha emazweni antulayo. Ngenxa yalokho, ibandla lingakwazi
ukwakha iHholo LoMbuso elikahle nelikhangayo ngamasonto angu-8. Ngo-September 2011, amaqembu okwakha amabili ayesakhe noma alungisa amaHholo angaba ngu-145.Lezi zakhiwo kanye nezisebenzi zokuzithandela ziye zanikeza ubufakazi obunamandla. Ngokwesibonelo, edolobheni elincane elisenyakatho-ntshonalanga yezwe, abafowethu bathola indawo ababengase bakhe kuyo iHholo LoMbuso. Iphayona elikhethekile labuza umnikazi wendawo ukuthi bangayithenga yini leyo ndawo. Le ndoda yathi: “Khohlwani, ngeke nginidayisele le ndawo, ikakhulukazi uma nizokwakha isonto.”
Ngemva kwesikhashana bexoxile, umnikazi wendawo waya ePuerto Plata eyovakashela umfowabo omdala onguFakazi KaJehova. Lapho efika wathola ukuthi umkhaya woFakazi wawuthathe lo mfowabo ogulayo wahlala naye ukuze umnakekele. Wawumyisa kudokotela, ezifundweni nasensimini. Le ndoda yabuza umfowabo ukuthi ukhokha malini njengoba enakekelwa kanje. Umfowabo wathi: “Angikhokhi ngisho isenti leli. Abafowethu laba.”
“Ngiyaqala ukubona abantu abanobunye nabanomusa njengalaba”
Umnikazi wendawo wathintwa kakhulu umusa woFakazi kangangokuba washayela iphayona elikhethekile ucingo walitshela ukuthi useshintshe umqondo, usezolidayisela indawo. Abafowethu bayithenga indawo baqala ukwakha ihholo. Ngaphambilini, inkosikazi yale ndoda yayingabafuni oFakazi BakaJehova. Kodwa lapho ibona indlela abafowethu ababesebenza ngayo ngobunye esakhiweni, yathi: “Ngiyaqala ukubona abantu abanobunye nabanomusa njengalaba.”