Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IDOMINICAN REPUBLIC

Ukuhlaselwa Ngesihluku

Ukuhlaselwa Ngesihluku

‘Bazoqothulwa’

UBorbonio Aybar wabhapathizwa ngo-January 19, 1955, ngesikhathi umsebenzi usavinjelwe. Ngemva kokubhapathizwa, waqhuba izifundo eziningi eMonte Adentro naseSantiago. Lapho kuqedwa ukuvinjelwa komsebenzi ngo-1956, abanye babantu abayebafundela babhapathizwa, phakathi kwabo kukhona nomkakhe.

Maphakathi no-July 1957, izikhulu zikahulumeni zahlangana eSalcedo ziyokhuluma kabi ngoFakazi. UMfoweth’ u-Aybar uyachaza: “UFrancisco Prats-Ramírez wayeyisikhulumi esiqavile. Wathi: ‘Akusensuku zatshwala baqothulwe.’” Ngemva kwezinsukwana, ngo-July 19, 1957, abakwasidlodlo baqoqa bonke oFakazi BakaJehova eBlanco Arriba, e-El Jobo, eLos Cacaos naseMonte Adentro.

UMfoweth’ u-Aybar uyakhumbula: “Ngangiphakathi kwalabo ababoshwa. Sayiswa ekomkhulu lezempi eSalcedo. Sathi singafika nje, isikhulu sezempi esigama laso nguSaladín sangishaya. Wawusibona emehlweni ukuthi sithukuthele siyangqangqa njengoba sisisongela. Samiswa imigqa emibili, owesilisa nowomame. Onogada bashaya amadoda bawakhahlela, bashaya omame ngezinduku. Njengoba besishaya babethi: ‘NgingumKatolika mina ngiyabulala.’”

“Ngilifundile iBhayibheli futhi ngiyazi ukuthi uJehova nguNkulunkulu”

UMfoweth’ u-Aybar wahlawuliswa, wayesegwetshwa izinyanga ezintathu esejele. Waqhubeka: “Ngesikhathi sivalelwe, savakashelwa ujenene wezempi okuthiwa uSantos Mélido Marte. Wathi: ‘Ngilifundile iBhayibheli futhi ngiyazi ukuthi uJehova nguNkulunkulu. Anenzanga lutho olunenza nifanelwe ijele, kodwa akukho lutho enginganenzela lona ngoba abagqugquzeli bokuba niboshwe ababhishobhi bamaKatolika. Okuwukuphela kwabantu abanganciphisa izigwebo zenu yibo labo babhishobhi noma i-jefe (“ubasi,” uTrujillo).’”

“Uwena Ubasi Kanti?”

Phakathi kwababoshwa kwakunendodakazi kaFidelia Jiménez nezingane zikadadewabo, bonke ababefundelwe uyena uFidelia. Nakuba engazange aboshwe ekuqaleni uFidelia, waziyisa emaphoyiseni ukuze aboshwe ngoba efuna ukukhuthaza abase beboshiwe. Ngaleso sikhathi kwafika umphathi wamaphoyisa onedumela elibi, uLudovino Fernández, owayedume ngokuqhosha nonya. Wathi makulethwe uFidelia kuye, wayesembuza, “Uwena ubasi kanti?”

“Cha, yinina eningobasi,” kuphendula uFidelia.

“Kusho ukuthi ungumfundisi-ke,” kusho uFernández.

“Cha, nguJesu umfundisi,” kuphendula uFidelia.

“Akuwena yini obangele ukuba bonke laba bantu baboshwe? Abafundiswanga yini uwena?” kubuza uFernández.

“Cha. YiBhayibheli elibangele ukuba bonke laba bantu baboshwe. Benza abakufunde eBhayibhelini,” kusho uFidelia.

Kwathi kusenjalo kwadlula abazalwane ababili nabo ababeboshiwe, uPedro Germán noNegro Jiménez, owayengumzala kaFidelia. Babekhishwa esitokisini ababevalelwe bodwa kuso beyiswa esitokisini esivamile sasejele. Ihembe likaNegro lalinegazi eselomile, amehlo kaPedro ayevuvukele. Ebona ukuthi babeshaywe kabuhlungu, uFidelia wabuza lo mphathi wamaphoyisa: “Nibaphatha kanje abantu abalungile, abathembekile nabesaba uNkulunkulu?” Lo mphathi wamaphoyisa wabona ukuthi uFidelia akesabi, wathi makaphindiselwe esitokisini sakhe.

Izinceku zikaJehova eziqotho kwadingeka zibe nesibindi phakathi nalokho kuphikiswa okuhambisana nobudlova—futhi isibindi zazinaso impela! Ngisho nezikhulu zikahulumeni zakuqaphela lokho. Ngokwesibonelo, ngo-July 31, 1957, uLuis Arzeno Colón, umhloli ehhovisi likamongameli, wabhalela unobhala wombuso, ezikhalela: “Nakuba umthetho osanda kushaywa uMkhandlu Kazwelonke uthi imisebenzi yehlelo loFakazi BakaJehova ayikho emthethweni, iningi lamalungu alo lisalokhu libambelele okholweni lawo.”