Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IDOMINICAN REPUBLIC

Ukushumayela Kuyaqhubeka

Ukushumayela Kuyaqhubeka

Izithunywa Zevangeli Zisebenza Ngomshoshaphansi

Ukuvinjelwa komsebenzi kwakuwukuqala kwezikhathi ezinzima kubafowethu. ‘AmaHholo OMbuso ethu avalwa nomsebenzi wavinjelwa,’ kuchaza isithunywa sevangeli u-Alma Parson. ‘Abathandekayo bethu babhekana novivinyo nezinhlupheko eziningi.’ Balahlekelwa imisebenzi futhi baboshwa. Nokho, wakhumbula ngokwazisa: ‘Sasibona ngokucacile isandla sikaJehova sisiqondisa futhi sisivikela izikhathi eziningi.’ Abafowethu baqhubeka besebenza ngomshoshaphansi bethembele ‘esandleni sikaJehova esiqondisayo.’

Sasenqatshelwe ukuba nemihlangano yebandla. ULennart Johnson wakhumbula: ‘Abafowethu bahlangana ngokuthula ngamaqembu amancane emizini yabazalwane. Sasifunda izihloko ze-Nqabayokulinda ezazikopishwe ngomshini wokwenza amakhophi. Bonke laba bazalwane abaqotho bawazisa kakhulu amandla angokomoya uJehova ayeqhubeka esinika wona kula maqembu amancane.’

URoy noJuanita Brandt babengabanye babasala esabelweni sabo ngenkathi kuvinjelwa umsebenzi

Phakathi naleso sikhathi, ukugadwa nokuhlukunyezwa uhulumeni kwadlanga. Kodwa abafowethu nodadewethu abazange bangenwe amanzi emadolweni. Ngo-September 15, 1950, encwadini ayibhalela uMongameli weRepublic, uNobhala uHungría wathi: “UMnumzane Lee Roy Brandt nabanye abaqondisi beqembu loFakazi BakaJehova sekukaningi bebizelwa kuleli hhovisi, bayalwe ukuba baqede yonke inkulumo-ze ephathelene nale nhlangano eyavalwa ngokusemthethweni kule Republic—okuwumyalo okubonakala bengawulaleli. Nsuku zonke sithola imibiko evela ezindaweni ezihlukahlukene zezwe yokuthi bayaqhubeka ngasese nalezi zinkulumo-ze zabo, bedelela uhulumeni.” Le ncwadi yaphetha ngokuthi kumelwe kuxoshwe “abaqondisi abayizifiki” boFakazi BakaJehova.

“Umthombo Wamandla”

Ekupheleni kuka-1950, uMfoweth’ uKnorr noHenschel bavakashela leli zwe. Ngemva kwalokho, ezinye izithunywa zevangeli zabelwa e-Argentina, eGuatemala nasePuerto Rico. Ezinye zathola imisebenzi yokuziphilisa ukuze ziqhubeke zihlala kuleli zwe. Ngokwesibonelo, uMfoweth’ uBrandt wayesebenzela inkampani kagesi, ezinye zingothisha besiNgisi. Umbiko we-Ncwadi Yonyaka Ka-1951 yesiNgisi uthi ngalezo zithunywa zevangeli: “Ukuba khona kwazo zingabaleki kuwumthombo wamandla kubalandeli beNkosi abathembekile abafunde iqiniso kuzo. Bonke bayathokoza uma bezibona zitshengisa isibindi ngokunamathela emsebenzini wazo.”

‘Ukuba khona kwazo kwakuwumthombo wamandla kwabathembekile’

UDorothy Lawrence wayengomunye wezithunywa zevangeli ezazifundisa isiNgisi. Ngaphandle kokufundisa, wayebuye aqhubele abathakazelayo izifundo zeBhayibheli. Ngenxa yalokho, wasiza abantu abaningi ukuba bathole iqiniso.

Abakhulekeli bakaJehova abaqotho bathatha ezinye izinyathelo zokuqhubeka baye ensimini nakuba babehlale begadwe ngeso elibukhali. Ngezinye izikhathi babehlukanisa amakhasi ezincwadi, bafake ambalwa emakhukhwini amahembe noma ezikhwameni ukuze bakwazi ukushumayela ngaphandle kokuzidonsela amehlo. Amaphepha ombiko babewenza kube sengathi uhlu lwezinto ezizothengwa esitolo. Ezikhaleni zezincwadi, izincwajana, omagazini, izimpindelo namahora, iphepha lombiko lalibhalwe ukuthi upopo, ubhontshisi, amaqanda, iklabishi nespinashi. Amakhophi e-Nqabayokulinda ayebizwa ngokuthi i-yuca, okuyigama lesitshalo i-yuca, noma umdumbula, okuyisitshalo esivamile kule ndawo.

Umsebenzi Wokwenza Abafundi Uyaqhubeka

Ngo-June 16, 1954, uRafael Trujillo wasayina isivumelwano neVatican esasinikeza abefundisi bamaRoma Katolika eDominican Republic amalungelo akhethekile. Ngaleso sikhathi oFakazi base beneminyaka engaba mine bevinjelwe. Noma kunjalo, ngo-1955 kwase kunabamemezeli abangu-478 lapha. Kwenzeka kanjani ukuba kube nokwanda okungaka naphezu kwezimo ezinzima? INcwadi Yonyaka Ka-1956 yesiNgisi yabika: “Imfihlo yamandla ethu umoya kaJehova. Abafowethu banobunye, baqinile okholweni futhi baqhubeka ngesibindi.”

Ngo-July 1955 incwadi ephuma endlunkulu yomhlaba wonke yathunyelwa kuTrujillo. Yayichaza kabanzi ukungathathi-hlangothi koFakazi BakaJehova futhi yacela ukuba uTrujillo ‘ayeke ukuvimbela oFakazi BakaJehova ne-Watch Tower Bible and Tract Society.’ Waba yini umphumela?