Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IDOMINICAN REPUBLIC

Ukuzamazama Komhlaba EHaiti

Ukuzamazama Komhlaba EHaiti

Ukwanda Ensimini YesiShayina

Ngo-2005, igatsha lamisa isikhonzi saseBethel esingumShayina, uTin Wa Ng, ukuba abe iphayona elikhethekile, ashumayeze amaShayina amaningi akuleli zwe. Wazalelwa khona la eDominican Republic futhi wakhulela khona. Abazali bakhe bathutha eChina beza eSanto Domingo.

Ngo-January 1, 2008, kwamiswa ibandla lesiShayina okuthiwa isiMandarin eSanto Domingo, ngo-2011 kwamiswa iqembu eSantiago. Abamemezeli abangu-70, kuhlanganise namaphayona avamile angu-36 namaphayona amaningana asizayo, baqhuba isilinganiso sezifundo zeBhayibheli ezingu-76 ngenyanga.

Kufunwa Abafundi Abakhuluma IsiNgisi

Ngo-2007 kwakunabamemezeli abangu-27 466 abashumayelayo emabandleni angu-376 futhi kwakuqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingu-49 795. Noma kunjalo, lalingekho ibandla labantu abaningana abakhuluma isiNgisi. Ngakho ngo-April 2008, igatsha labela izithunywa zevangeli uDonald noJayne Elwell eSanto Domingo ukuze bakhe iqembu lesiNgisi. Abamemezeli abambalwa kodwa abanomdlandla baqale bathola ukuthi bangaki abantu abakhuluma isiNgisi nokuthi bahlalaphi. Ngemva kwalokho bahlela insimu ngendlela yokuba bayisebenze ngokungashwampuluzi.

Ngenxa yaleyo mizamo, iqembu lesiNgisi eSanto Domingo laqhubeka likhula, kwamiswa ibandla labamemezeli abangu-39 ngo-July 2009. Kwenziwa okufanayo nakwezinye izingxenye zezwe. Ngo-November 2011, kwase kunamabandla esiNgisi angu-7 neqembu elilodwa.

Owesifazane Oyisithulu Futhi Oyimpumputhe Ukhetha UJehova

Iphayona elikhethekile likhuluma noLorys ngokumthinta izandla

ULorys, onesifo esibizwa ngokuthi i-Usher Syndrome (lesi sifo sikwenza ube isithulu futhi ngokuhamba kwesikhathi ugcine ungasaboni) wayeyintandane. Wazalwa eyisithulu futhi waqala ukungaboni kahle lapho eneminyaka engu-16. Emini uyakwazi ukubonabona kodwa ebusuku akaboni nhlobo. Okuwukuphela kwendlela akhuluma ngayo nabantu uma sekushone ilanga ukuba abathinte izandla lapho ekhuluma ngolimi lwezandla.

Indoda nomkayo abangamaphayona akhethekile bathola uLorys lapho eneminyaka engu-23. Ngaleso sikhathi wayehlala nendoda eyisithulu nendodakazi yabo enonyaka. ULorys wavuma ukuya esifundweni futhi akufunda kwamthinta.

Wenza izinguquko masinyane. Ngokwesibonelo, lapho efunda ukuthi kwakungafanele akipite nesoka lakhe, waxoxa nalo ngokubaluleka kokushada ngokomthetho futhi walichazela ukuthi ngeke azephule izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha. Isoka lakhe lamangala lapho limuzwa ekhuluma ngokungahlonizi, lathi lizomshada.

Sebeshadile, uLorys waba ummemezeli, ngemva kwesikhashana wabhapathizwa. Ngenxa yokufundelwa oFakazi, wafunda noLimi Lwezandla LwaseMelika. Kusukela ngaleso sikhathi ubelokhu esiza indodakazi yakhe ukuba ifunde lolu limi futhi uyifundisa neqiniso.

Ukuzamazama Komhlaba Okwadala Umonakalo EHaiti

Abantu baseDominican Republic nabaseHaiti abasoze balulibala uLwesibili lwango-January 12, 2010. Ngalelo langa umhlaba wazamazama wabhubhisa yonke into eHaiti. Ngaso leso sikhathi iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova yagunyaza igatsha laseDominican Republic ukuba lithumele imali egatsheni laseHaiti ukuze lithole izimpahla zokusiza. Ngenxa yokuthi yayinkulu kakhulu imali eyayizohanjiswa eHaiti, kwacelwa u-Evan Batista ukuba ayihambise. U-Evan lona ungudokotela waseBethel ongamamitha angu-1,90 ubude nonesisindo esingamakhilogremu angu-127.

Isinqumo sokuba kuthunywe uMfoweth’ uBatista sabonakala sihlakaniphile ngoba lapho efika emngceleni, watshelwa ukuthi kunesidingo esiphuthumayo sosizo lukadokotela. Abantu abaningi ababelimale ekuzamazameni komhlaba babeyiswa eHholo LoMhlangano eliseduze kwegatsha laseHaiti ukuze belashwe. Lapho abafowethu baseHaiti bethola ukuthi lo mzalwane othunyiwe ungudokotela, bashayela igatsha laseDominican Republic bacela ukuba lo mzalwane ahlale eHaiti. Njengokulindelekile kwavunywa, kwabe sekuqala umsebenzi omkhulukazi wokusiza abafowethu abangokomoya eHaiti—kungakapheli mahora amangaki umhlaba uzamazamile.

Abafowethu basukumela phezulu ukuze banikeze usizo ngemva kokuzamazama komhlaba ngo-2010 eHaiti

UMnyango Wokuthenga egatsheni laseDominican Republic awupholisanga maseko wathintana nezinkampane othenga kuzo ukudla. Wathola ilayisi nobhontshisi okungamakhilogremu angaphezu kuka-6 800, kwathunyelwa eHaiti seligamenxe ihora lesibili ekuseni ngoLwesine, ngo-January 14—kwakuyizimpahla zokuqala zokusiza abantu ezafika emngceleni zivela kwelinye izwe. Kamuva ngalo lolo suku, abanye odokotela abathathu baseDominican Republic bathatha uhambo lwamahora angu-7 ngemoto belibangise egatsheni laseHaiti. Bafika sekuhlwile, kodwa kunokuba baye ezindaweni zabo zokulala, baqonda kwabalimele basebenza kanzima kwaze kwaba phakathi kwamabili. Ngakusasa kwase kufike abanye odokotela abane nabahlengikazi abane bevela eDominican Republic. Abantu babehlinzwa ngaphansi kwezimo ezinzima, kwaciciyelwa kwenziwa indawana yokuhlinzela eHholo LoMhlangano. Esontweni elalandela, belapha abantu abalimele abangaphezu kuka-300.

Zonke izinsuku abantu abagula kakhulu babethunyelwa eDominican Republic ukuba bayolashwa. Ngezinye izikhathi zona kanye izimoto ezazisuke zilethe izimpahla zosizo eHaiti, zaziphuthumisa abalimele ezibhedlela zaseDominican Republic. Igatsha lahlela ukuba kube namaQembu Avakashela Iziguli ukuze kukhuthazwe abalimele futhi aqiniseke ukuthi bathola imithi nokunye ababekudinga. Ababephelezele amalungu emikhaya yabo ayelimele bathola ukudla nezindawo zokuhlala emabandleni endawo.

OFakazi BakaJehova basakaza izimpahla ezinikelwe ezingamakhilogremu angaphezu kuka-450 000 okwakuhlanganisa nezijumbane zokudla ezingu-400 000

Imizamo yokuzidela yabantu bakaJehova ngemva kwale nhlekelele iyisibonelo samazwi aqinisekisayo asencwadini yezAga 17:17, athi: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.” Okuhlangenwe nakho okuningi kubonisa indlela uJehova alonde ngayo abaqotho bakhe ngisho nalapho besongelwa ukufa, esebenzisa umoya wakhe nobuzalwane bobuKristu. Umsebenzi omkhulu wokunikeza usizo waqhubeka izinyanga. OFakazi BakaJehova basakaza izimpahla ezinikelwe ezingamakhilogremu angaphezu kuka-450 000 okwakuhlanganisa nezijumbane zokudla ezingu-400 000. Abazalwane nodade abangaba ngu-78 abafundele ezokwelapha bafika bevela emazweni ahlukahlukene, kwafika nentilibathwa yezisebenzi zokuzithandela, bonke banikela ngesikhathi namakhono abo. *

^ isig. 19 Ukuze uthole umbiko owenabile, bheka amakhasi 14-19 e-Phaphama! ka-December 2010.