Isibonelo Esihle—UHezekiya
Isibonelo Esihle—UHezekiya
UHezekiya kudingeka enze isinqumo ekuphileni kwakhe. Eneminyaka engu-25 nje kuphela, useyinkosi yakwaJuda. Uzoba inkosi enjani? Ingabe uzovumela isibonelo esibi sikayise, iNkosi u-Ahazi, ukuba simthonye? U-Ahazi ubelokhu eyisihlubuki esingaphenduki waze wafa. Wakhuthaza ukukhulekela kobuqaba futhi waze washisa okungenani oyedwa wabafowabo bakaHezekiya e-altare lamaqaba. (2 IziKronike 28:1-4) Kodwa uHezekiya akakuvumeli ukuziphatha kukayise kobuzenzisi kumenze angakujabuleli ukukhulekela uJehova, kungamenzi futhi azizwe edalelwe ukuphinda amaphutha kayise. Kunalokho, uHezekiya uyaqhubeka ‘enamathele kuJehova.’—2 AmaKhosi 18:6.
Ingabe omunye wabazali bakho uhlekisa ngokukhulekela uJehova? Ingabe uyisidlova noma umlutha womkhuba othile omubi? Uma kunjalo, akudingeki uphinde amaphutha omzali wakho! UHezekiya akalivumelanga idumela elibi lomkhaya wakubo ukuba limonele ukuphila kwakhe. Empeleni, waba inkosi enhle kangangokuthi “ngemva kwakhe akubanga namuntu onjengaye phakathi kwawo wonke amakhosi akwaJuda.” (2 AmaKhosi 18:5) NjengoHezekiya, ungaphumelela ekuphileni kwakho naphezu kwezimo ezinzima zomkhaya wakini. Kanjani? Ngokuqhubeka ‘unamathele kuJehova.’