Ngingazivikela Kanjani Esikoleni?
Isahluko 14
Ngingazivikela Kanjani Esikoleni?
Phawula okulandelayo ngokuthi iqiniso noma amanga:
1. Ukuxhaphaza kuhilela ukulinyazwa emzimbeni kuphela.
□ Iqiniso
□ Amanga
2. Ukuhlukumeza ngokobulili ngaso sonke isikhathi kuhilela ukuthintwa.
□ Iqiniso
□ Amanga
3. Amantombazane nawo angaba iziqhwaga noma axhaphaze.
□ Iqiniso
□ Amanga
4. Uma uxhashazwa noma uhlukunyezwa ngokobulili, ayikho into ongayenza ngakho.
□ Iqiniso
□ Amanga
IZIGIDI zentsha exhashazwa esikoleni nsuku zonke zihlala zisovalweni. URyan osemusha uthi: “Uhambo lwemizuzu engu-15 ngebhasi lwangihlukumeza lwaze lwabonakala ludonsa amahora amaningi njengoba ababengihlupha babengithuka bese bengishaya.” Enye intsha ihlukunyezwa ngokobulili. U-Anita osemusha uthi: “Umfana othile odumile wangivalela ekhoneni ephasishi wayeseqala ukungithinta ngendlela engafanele. Ukumtshela ngomusa ukuba angiyeke akuzange kusize. Wayecabanga ukuthi ngiyadlala.”
Enye intsha ihlukunyezwa efunda nabo ngisho nakuyi-Internet. Ingabe nawe uyaxhashazwa? Uma kunjalo, yini ongayenza ngalesi simo esinzima? Kuningi! Kodwa okokuqala, ake sihlukanise okungamanga kokuyiqiniso ngokuhlaziya lokho okushiwo ekuqaleni kwalesi sahluko.
1. Amanga. Iziqhwaga eziningi zilwa ngamazwi hhayi ngezibhakela. Ukusongela, izinhlamba, ukubhuqa nokudelela kungaba izindlela zokuhlukumeza.
2. Amanga. Ngisho “nokuncoma” okugigiyela ebulilini, ihlaya elingcolile, noma ukubuka omunye sakumkhanuka kungaba ukuhlukumeza ngokobulili.
3. Iqiniso. Iziqhwaga noma abahlukumezi kungaba abafana noma amantombazane.
4. Amanga. Ungakwazi uku-thatha izinyathelo zokunqanda ukuhlukunyezwa. Ake sibone ukuthi kanjani.
Indlela Yokunqoba Isiqhwaga—Ngaphandle Kokusebenzisa Isibhakela
Ezinye iziqhwaga zifuna ukukuchukuluza ukuze nje zibone ukuthi uzokwenzani. Kodwa UmShumayeli 7:9) Iqiniso liwukuthi, ‘ukubuyisela okubi ngokubi’ kungafana nokucima umlilo ngophethiloli futhi kuholela ezinkingeni ezengeziwe. (Roma 12:17) Ungasehlula kanjani-ke isiqhwaga ngaphandle kokusebenzisa isibhakela?
iBhayibheli linikeza lesi seluleko esihlakaniphile: “Ungasheshi ukucasuka emoyeni wakho.” (Ungakunaki konke esikushoyo. Uma sikugcona ukuze sihlekise ngawe, zama ukuhleka ungasinaki kunokuba ucasuke. Omunye umfana okuthiwa u-Eliu uthi: “Ngezinye izikhathi okungcono ukungawanaki amazwi anochuku.” Uma isiqhwaga sibona ukuthi amazwi aso awakuthinti, singase siyeke ukukuhlukumeza.
Yiba mnene. IBhayibheli lithi: “Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka.” (IzAga 15:1) Impendulo enomusa iyinto yokugcina isiqhwaga esiyilindele, futhi ingase idambise isimo esishubile. Yiqiniso, ukwehlisa umoya lapho uhlaselwa kudinga ukuzithiba. Kodwa kuhlale kuyiyona ndlela engcono. IzAga 29:11 zithi: “Isiphukuphuku siyidedela yonke intukuthelo yaso, kodwa ohlakaniphile uzigcina ezolile kuze kube sekugcineni.” Ubumnene buwuphawu lokuba namandla. Umuntu omnene akahluthuki, kanti isiqhwaga ngokuvamile singumuntu ongazethembi, okhungathekile, noma ngisho okhathazeke kakhulu. Kungesizathu esihle iBhayibheli lithi: “Owephuza ukuthukuthela ungcono kunendoda enamandla.”—IzAga 16:32.
Zivikele. Uma isimo sibonakala singalawuleki, kungase kudingeke uthole ‘indlela yokubaleka.’ IzAga 17:14 zithi: “Ngaphambi kokuba kuqhume ingxabano, hamba.” Ngakho uma kubonakala sengathi kuzoliwa, hamba noma ubaleke. Uma kungenakwenzeka ukuba ubaleke, kungase kudingeke uzivikele nganoma iyiphi indlela ongase uzivikele ngayo.
Sibike. Abazali bakho banelungelo lokwazi okwenzekayo. Bangakunikeza namacebiso amahle. Ngokwesibonelo, bangase basikisele ukuba ukhulume nothisha othile ngale ndaba. Qiniseka ukuthi abazali bakho nothisha bangayisingatha ngokuhlakanipha indaba ukuze bangakwandiseli izinkinga.
Liyini iphuzu? Isiqhwaga ngeke siphumelele uma usabela ngendlela esingayilindele. Ngakho, musa ukusivumela sikucasule. Kunalokho, lawula isimo ngokusebenzisa ukusikisela esisanda kuxoxa ngakho.
Ukubhekana Nokuhlukunyezwa Ngokobulili
Uma uhlukunyezwa ngokobulili, unelungelo lokucasuka! Umbuzo uwukuthi, Yini ongayenza ngakho? Kuningi! Nakhu ukusikisela okumbalwa.
Yenqaba ngokuqinile lapho uyengelwa ezenzweni zobulili. Abahlukumezi bangase bacabange ukuthi ukwenqaba ngokunqikaza empeleni kusho ukuthi uyavuma—noma okungenani ukuthi ungase uvume—ngaphandle kwalapho ubabonisa ngenye indlela. Ngakho ucha wakho mawusho ucha. (Mathewu 5:37) Uma ulokhu unsinsitheka noma ukhophozela, ngisho noma wenziwa amahloni, ungase uthumele umyalezo ongewona kumhlukumezi. Qina futhi ungagunci. Lena indlela engcono kakhulu yokuzivikela!
Vuka indlobane. U-Anita osemusha uthi ngowayemhlukumeza: “Kwadingeka ngimphoxe phambi kwabangane bakhe
ngokumemeza ngimtshele ukuthi ANGANGITHINTI kanjalo!” Waba yini umphumela? “Bamhleka bonke abangane bakhe. Wathi ukungishalazela isikhashana, kodwa ngemva kwezinsukwana, waxolisa ngayekwenzile futhi kamuva wangivikela nokungivikela lapho othile ezama ukungihlupha.”Uma amazwi engasebenzi, hamba. Okungcono nakakhulu, baleka. Futhi uma ungakwazi ukubaleka, unelungelo lokuzivikela ekuxhashazweni. (Duteronomi 22:25-27) Enye intombazane engumKristu ithi, “Lapho omunye umfana ezama ukungibamba, ngamshaya ngesibhakela, ngabaleka!”
Tshela othile. U-Adrienne oneminyaka engu-16 uyavuma: “Yilokho okwadingeka ngikwenze ekugcineni. Ngacela iseluleko kubazali bami lapho umfana engangicabanga ukuthi ungumngane wami engafuni ukungiyeka. Lapho ngenqaba, yilapho aphikelela khona, njengokungathi siyadlala.” Abazali
baka-Adrienne bamnikeza iseluleko esiwusizo, esamsiza wakwazi ukubhekana kangcono nale nkinga. Ngokungangabazeki nabakho abazali bangakusiza.Ukuhlushwa isiqhwaga noma ukuhlukunyezwa ngokobulili akumnandi. Kodwa kukhumbule njalo lokhu: Intsha engamaKristu akudingeki ibe izisulu ezizodlala iziqhwaga; kungafanele futhi ibekezelele noma iyengwe izenzo zomhlukumezi. Ngokuthatha izinyathelo okukhulunywe ngazo, ungakwazi ukubhekana nalezi zinselele.
FUNDA OKWENGEZIWE NGALESI SIHLOKO EMQULWINI 1, ISAHLUKO 18
Ukucindezela kontanga kunge-linye lamathonya anamandla kakhulu okumelwe ubhekane nawo. Funda indlela yokubhekana nako ngesibindi.
UMBHALO OYINHLOKO
“Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.”—Roma 12:18.
ICEBISO
Uma kunesiqhwaga esikuhluphayo, qina kodwa ungalwi. Sitshele ngamazwi aqinile ukuba sikuyeke. Sishiye ngokuthula. Uma siqhubeka, sibike.
UBUWAZI . . . ?
Ukugqoka imibala yamaqembu ezigelekeqe noma ezinye izinto eziwehlukanisa kwamanye kungakwenza uhlaselwe. Owayeyilungu leqembu lezigelekeqe uthi: “Uma umuntu egqoka njengomunye wethu kodwa engeyena omunye wethu, wayezidonsela amanzi ngomsele. Kwakudingeka ajoyine iqembu lethu noma alimale.”
ENGIZOKWENZA!
Uma umuntu engidelela noma engisukela, ngizo- ․․․․․
Ukuze ngigweme ukuzidonsela amanzi ngomsele, ngizo- ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Ungakubonisa kanjani ukuzethemba okwengeziwe nesizotha endleleni oziphatha ngayo, ngaleyo ndlela unciphise amathuba okuxhashazwa?
● Yini ongayenza uma uhlukunyezwa ngokobulili? (Cabanga ngezimo ezivamile nendlela ongasabela ngayo.)
● Kungani kufanele ukubheke njengento engathí sina ukuhlukunyezwa ngokobulili?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 123]
“Uma wazi ukuthi kuzosuka impi, kumelwe unake izindaba zakho, ugoduke. Abanye bayabukela, futhi yilapho bengena khona enkathazweni.’’—UJairo
[Ibhokisi ekhasini 125]
Indlela Yokuvimbela Ukuhlukunyezwa Ngokobulili
Ungadlali ngothando. Ukudlala ngothando kuwukuzicelela ukuhlukunyezwa. IBhayibheli liyabuza, ‘Ungawabuthela yini amalahle esifubeni sakho kodwa izingubo zakho zingashi?’ (IzAga 6:27) Iqiniso liwukuthi, ukudlala ngothando kuwukudlala ngomlilo.
Qaphela abantu ozihlanganisa nabo. Kuyothathwa ngokuthi izimiso ophila ngazo zifana nezabangane bakho. Intombazane esencane okuthiwa uCarla, ithi, “Uma ujwayelene nabantu abakwamukelayo noma abakuthandayo ukweshelwa, nawe uzohlukunyezwa.”—1 Korinte 15:33.
Qaphela indlela ogqoka ngayo. Izingubo ezingenasizotha ziwuphawu olucacile lokuthi uhahela ukunakwa abobulili obuhlukile—futhi bazokunaka.—Galathiya 6:7.
Ungafihli ukuthi ungumKristu. Uma uzifihla, akekho oyolindela ukuba uphile ngezimiso zobuKristu.—Mathewu 5:15, 16.
[Isithombe ekhasini 124]
Ukucasuka lapho isiqhwaga sikuchukuluza kufana nokucima umlilo ngophethiloli
[Isithombe ekhasini 127]
Tshela umuntu okuhlukumeza ngokobulili ukuba ahlukane nawe!