Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kuthiwani Uma Ngiyizonda Indlela Engibukeka Ngayo?

Kuthiwani Uma Ngiyizonda Indlela Engibukeka Ngayo?

Isahluko 7

Kuthiwani Uma Ngiyizonda Indlela Engibukeka Ngayo?

Ingabe ihlale ikudumaza indlela obukeka ngayo?

□ Yebo □ Cha

Ingabe wake wacabanga ngokuhlinzwa noma ukuzincisha ukudla ngokweqile ukuze ushintshe okuthile endleleni obukeka ngayo?

□ Yebo □ Cha

Yisiphi isici (izici) obungasishintsha emzimbeni wakho ukube ubunamandla? (Kokelezela lezo ezisebenza kuwe.)

Ubude

Ukuma komzimba

Ibala lesikhumba

Isisindo

Izinwele

Iphimbo

UMA uphendule ngoyebo emibuzweni emibili yokuqala futhi wakokelezela izici ezintathu noma ngaphezulu embuzweni wesithathu, bheka izinto ngolunye uhlangothi: Kungenzeka ukuthi abanye abakubheki ngale ndlela embi ozibheka ngayo. Kulula ukweqisa ukhathazeke kakhulu ngendlela obukeka ngayo. Empeleni, okunye ukuhlola kwathola ukuthi amantombazane ngokuvamile esaba kakhulu ukukhuluphala kunempi yenuzi, umdlavuza ngisho nokushonelwa abazali!

Akungatshazwa ukuthi indlela obukeka ngayo ingayithinta indlela ozibheka ngayo—nendlela abanye abakuphatha ngayo. “Ngesikhathi sikhula, odadewethu ababili abadala babengophuma langa sikothe, kodwa mina ngangikhuluphele,” kusho uMaritza oneminyaka engu-19. “Babengigcona esikoleni. Ngaphezu kwalokho, umamkhulu wayengibiza ngokuthi nginguChubs, okwakuyigama lenja yakhe encane futhi ekhuluphele!” UJulie, oneminyaka engu-16, naye wabhekana nesimo esifanayo. “Intombazane ethile esikoleni yayingigcona ithi ‘nginamazinyo kanogwaja.’ Nakuba kwakungeyona into enkulu, kwangiphatha kabi kangangokuthi namanje ngisazenyeza ngamazinyo ami!”

Ukukhathalela noma Ukweqisa—Yikuphi?

Akukubi ukukhathalela indlela obukeka ngayo. Empeleni, iBhayibheli likhuluma kahle ngendlela abesifazane namadoda athile ayebukeka ngayo, okuhlanganisa uSara, uRaheli, uJosefa, uDavide no-Abhigayili. IBhayibheli lithi owesifazane ogama lakhe ngu-Abhishagi ‘wayemuhle ngokwedlulele.’—1 AmaKhosi 1:4.

Noma kunjalo, intsha eningi ikhathazeka ngokweqile ngendlela ebukeka ngayo. Ngokwesibonelo, amanye amantombazane akholelwa ukuthi ukuba muhle kusho ukuba nomzimba omncane, lokhu kubonakala kusekelwa onobuhle abanemizimba emincane ngokwedlulele abavela ezikhangisweni zomagazini. Iyakhohlwa ukuthi lezo zithombe ezinhle ziye zalungiswa kahle noma zenziwa nge-computer nokuthi kudingeka lab’ onobuhle bazincishe kakhulu ukudla ukuze bahlale bebukeka ngendlela ababukeka ngayo! Ngesikhathi esifanayo, ukuziqhathanisa nalokho okubona komagazini kungase kukuphathe kabi. Kuthiwani uma ingakujabulisi ngempela indlela obukeka ngayo? Okokuqala, kufanele ube neqiniso kuwe.

Ingabe Unombono Ohlanekezelwe?

Wake wazibuka esibukweni esingakuvezi kahle? Umfanekiso waso ungase ukwenze ubonakale ukhuluphele kakhulu noma umncane kakhulu kunalokho oyikho ngempela. Kunoma yikuphi, asikuvezi njengoba unjalo.

Ngendlela efanayo, intsha eningi izibheka ngombono ohlanekezelwe. Cabanga ngalokhu: Kokunye ukuhlola, amaphesenti angu-58 amantombazane athi akhuluphele, kodwa eqinisweni kwakungamaphesenti angu-17 kuphela ayekhuluphele. Kokunye ukuhlola, amaphesenti angu-45 abesifazane abanemizimba emincane babezibona bekhuluphele kakhulu!

Abanye abacwaningi bathi iningi lamantombazane akhathazeke ngesisindo sawo awanaso isizathu sokukhathazeka. Leli qiniso lingase lingasho lutho kuwe uma unomzimba omkhulu. Uma unomzimba omkhulu, kubangelwa yini?

Ufuzo lungase lube nendima ethile. Abanye abantu banemizimba emincane ngokwemvelo. Kodwa uma ufuze abantu abakhuluphele, kusho ukuthi umzimba wakho wawungaklanyelwanga ukuba ube mncane. Ngisho noma usumncane ngendlela efanele, uyolokhu ubukeka umkhulu kunalokho okufunayo. Ukuvivinya umzimba nokudla ngokulinganisela kungase kusize, kodwa ezikhathini eziningi, akukho ongakwenza ngomzimba owuthole ngofuzo.

Esinye isizathu kungaba ushintsho oluba khona ngesikhathi sokuthomba. Ngalesi sikhathi, intombazane isuka ekubeni namafutha omzimba angamaphesenti angu-8, ibe namafutha omzimba angamaphesenti angu-22. Ngokuvamile, izimo ezinjengalezi ziyashintsha ngokuhamba kwesikhathi, kuthi intombazane eneminyaka engu-11 noma engu-12 ebikhuluphele ngesikhathi sokuthomba ishintshe ibe nomzimba omi kahle. Ngakolunye uhlangothi, kuthiwani uma isimo somzimba wakho sibangelwa ukungadli kahle noma ukungawuvivinyi umzimba? Kuthiwani uma kufanele ngempela unciphise isisindo ngenxa yezizathu zempilo ezizwakalayo?

Umbono Olinganiselayo

IBhayibheli liyakutusa ukuba ‘olinganiselayo.’ (1 Thimothewu 3:11) Ngakho gwema ukungadli ngezikhathi zokudla noma ukuzincisha ukudla ngendlela eyeqisayo. Mhlawumbe indlela engcono kakhulu yokunciphisa umzimba wakho iwukuba ube nesimiso sokudla ukudla okunempilo nokuvivinya umzimba ngokwanele.

Asikho isidingo sokusebenzisa izindlela ezeqisayo zokunciphisa umzimba. Ngokwesibonelo, amaphilisi okunciphisa umzimba angase akwenze ungakuthandi ukudla isikhashana; kodwa ngokushesha umzimba uyawajwayela, ngemva kwalokho ubuyele esimweni sakho sokuthanda ukudla. Noma, izinga lomzimba lokugaya ukudla lingancipha, uphinde ukhuluphale—ingasaphathwa imiphumela emibi abanye ababhekana nayo, njengokuba nesiyezi, umfutho wegazi ophakeme, iziqubu zokukhathazeka ngokweqile ngisho nokuba umlutha. Kungashiwo okufanayo ngamaphilisi akhipha amanzi emzimbeni noma akhuphula izinga lokugayeka kokudla emzimbeni.

Ngakolunye uhlangothi, isimiso sokudla ngendlela enempilo kanye nokuvivinya umzimba ngendlela elinganiselayo singakusiza ukuba ubukeke futhi uzizwe kahle. Ukuvivinya umzimba ngendlela elinganiselayo izikhathi ezimbalwa ngesonto kuyoyithuthukisa impilo yakho. Kungakusiza ukwenza izinto ezilula njengokuhamba usheshe noma ukwenyuka izitebhisi.

Qaphela Ugibe Lwe-Anorexia!

Ekufuneni kwayo ukunciphisa isisindo, enye intsha iye yawela ogibeni lwe-anorexia—isifo esibulalayo esibangelwa ukuzincisha ukudla. Ngemva kokwelashwa izinyanga ezine ngenxa ye-anorexia, uMasami uthi: “Lapho abantu bethi ‘usungcono,’ ngivele ngicabange, ‘Yingoba sengiyakhuluphala-ke.’ Ngalezo zikhathi, ngiye ngibalise, ‘Ukube nje bengikwazi ukubuyela esisindweni sami sangaphambili—esisindweni ebengiyiso ezinyangeni ezine ezedlule!”

I-anorexia ingaqala ungahlosile. Intombazane ingase iqale ukudla kancane ngendlela ebonakala ingenangozi, mhlawumbe ukuze ithi ukuncipha kancane. Lapho isifinyelele isisindo esifunayo, ayaneliseki. Njengoba izibuka esibukweni ingagculisekile, ingase ithi, “Ngisakhuluphele kangaka!” Bese inquma ukuthi kufanele iphinde inciphe kancane. Ithi ukuncipha kancane futhi. Iphinde inciphe kancane futhi. Iqala kanjalo-ke i-anorexia.

Uma unezimpawu ze-anorexia noma esinye isifo esiphathelene nokudla, kufanele uthole usizo. Thulula isifuba sakho kumzali noma omunye umuntu omdala omethembayo. Isaga seBhayibheli sithi: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.

Buyini Ubuhle Bangempela?

IBhayibheli aligxili ekubukekeni komuntu noma ekwakhekeni komzimba wakhe. Kunalokho, ngumuntu esinguye ngaphakathi owenza sibe bahle noma sibe babi kuNkulunkulu.—IzAga 11:20, 22.

Cabanga ngendodana yeNkosi uDavide, u-Absalomu. IBhayibheli lithi: “Akekho umuntu owayemuhle njengaye ku-Israyeli wonke ukuba adunyiswe kangakaya. Kusukela ematheni onyawo lwakhe kuze kube sokhakhayini kwakungekho sici kuye.” (2 Samuweli 14:25) Noma kunjalo, le nsizwa yayiyiqili. Ukuqhosha nesifiso sokuvelela kwayenza yafuna ukuqhwaga ubukhosi benkosi emiswe uJehova. Ngakho-ke, iBhayibheli alikhulumi kahle ngo-Absalomu, kunalokho limveza njengendoda engathembekile ngokungenamahloni futhi enenzondo ebulalayo.

Iqiniso liwukuthi, “uJehova ulinganisa izinhliziyo”—akalinganisi ukhalo lwentombazane noma izikhwepha zomfana. (IzAga 21:2) Nakuba kungekubi ukufuna ukuba muhle, okubaluleke nakakhulu kunendlela obukeka ngayo ubuntu bakho. Ekugcineni, yizimfanelo ezingokomoya eziyokwenza uthandwe abanye, hhayi ukuba usozinyama noma ukuba nokhalo oluncane!

FUNDA OKWENGEZIWE NGALESI SIHLOKO EMQULWINI 1, ISAHLUKO 10

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Intsha eningi iphethwe izifo ezingalapheki noma ikhubazekile. Uma kunjalo ngawe, ungabhekana kanjani nesimo?

UMBHALO OYINHLOKO

“Umuntu nje ubona okubonakala emehlweni; kodwa uJehova yena, ubona lokho inhliziyo eyikho.”—1 Samuweli 16:7.

ICEBISO

Uma uzama ukwehlisa isisindo somzimba . . .

● Musa ukungadli ekuseni. Uma ungadli, uzolamba bese lokho kukubangela ukuba udle kakhulu kunokuvamile.

● Phuza ingilazi enkulu yamanzi ngaphambi kokuba udle. Azothiba isifiso sokudla futhi akusize ulawule ubungako bokudla ozokudla.

UBUWAZI . . . ?

Abanye ochwepheshe baxwayisa ngokuthi uma uzincisha ukudla ukuze wehlise isisindo, umzimba ungase ucabange ukuthi ubhekene “nesimo esibucayi,” bese wehlisa ijubane lokugayeka kokudla, okuyosheshe kukwenze uphinde ukhuluphale!

ENGIZOKWENZA!

Ngingayinakekela kangcono impilo yami ngoku- ․․․․․

Isimiso sokuvivinya umzimba engingakwazi ukusilandela sihlanganisa ․․․․․

ngingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

Uzizwa kanjani ngendlela obukeka ngayo?

Iziphi ezinye zezinyathelo ezinengqondo ongazithatha ukuze uthuthukise ukubukeka kwakho?

Ungathini kumngane onenkinga yokungadli kahle?

Ungayisiza kanjani ingane yakini encane ukuba ibe nombono olinganiselayo ngokubukeka kwayo?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 69]

‘‘Kwaphela isikhathi eside ngigconwa ngamehlo ami amakhulu. Ngafunda ukuzihleka, ngesikhathi esifanayo ngaba nokuzethemba ngobuntu bami nezinye izimfanelo zami ezinhle. Sengiyamukele indlela engibukeka ngayo. Ngizithanda nginje.’’—U-Amber

[Isithombe ekhasini 68]

Indlela ozibheka ngayo ingase ifane nomfanekiso wesibuko esingakuvezi kahle